UZICHAZE njengomuntu ongenalo ulaka umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, owethulwe ngoMsombuluko. Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uJonevret ubebuye azintelele ekhombisa ukukhululeka, okubonakale nangesikhathi echaza ukuthi igama lakhe libizwa kanjani enza isibonelo ngenkampani kawoyela, iShell.
Uqhubekile nokuziveza njengomuntu ongasheshe anyukelwe umoya nangesikhathi esekhuluma ohlelweni lwezemidlalo kuMetro FM.
Ngesikhathi umethuli wohlelo uRobert Marawa embuza ukuthi ngabe uwuhlobo lomqeqeshi okholelwayo ekusebenziseni isandla sensimbi kuhle kwasemasosheni, ukuchithile lokhu.
“Mina ngiyakhokhelwa ekutheni kumele kujatshulwe eqenjini, ngisho nasejimini kumele abadlali bakujabulele ukuba khona. Kodwa kumele bayilandele imiyalelo yami, ngale kwalokho ngizocasuka. Anginankinga noma ngabe siyahlulwa noma siyanqoba, inqobo nje uma bezolandela engisuke ngibaluleke ngakho,” kusho uJonevret odabuka eSweden.
Phambilini iPirates ike yaqeqeshwa uVladimir Vermezovic waseSerbia obaziwa ngokuthi alufakwa kuyena, akazange ayiqede inkontileka yakhe kuBucs. UMuhsin Ertugral okuwukuhamba kwakhe okuqale umshikashika wokufuna umqeqeshi omusha, naye uyaziwa ebholeni laseNingizimu Afrika ngokuba nolaka okungenye yezinto okuthiwa zimqhathe nobengumdlali weZimnyama, u -Edwin Gymah. UGymah waqoshwa i-video esho ukumbamba ngamawashingi u-Ertugral esikhumulweni sezindiza eKapa kade bebuya ukuyodlala ne-Ajax Cape Town ekuqaleni kwesizini.
UJonevret uhlangane ngokugcwele nabadlali beBucs ngoLwesibili. Uma amaphepha akhe okusebenza egcina elungile kulindeleke abe sebhentshini uma sebedlala nePolokwane City e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, utshele abezindaba ukuthi uJonevret onikezwe inkontileka yeminyaka emithathu, akanayo ingcindezi yokuguqula izinto ngokushesha.
“Ngeke ethi umqeqeshi efika bese enza imilingo, kuzothatha isikhathi. Indlela eya empumelelweni ayenzeki ngokuphazima kweso. Sifuna ukuthi njengeqembu sibuyele kulokhu abantu abasazi siyikho. Ngiyethemba umqeqeshi wethu omusha uzokwazi ukusenzela lokho.
“Ukungabekezeli kwesinye isikhathi kuphazamisa nabantu abahle emsebenzini wabo. Ukwakha iqembu kuthatha isikhathi,” kusho uKhoza.
Njengamanje iPirates ihleli ngaphandle kwe-Top 8 ku-log kanti uJonevret unalo ithuba lokuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli kwazise kusazodlalelwa neNedbank Cup abagcina ngayo ukunqoba isicoco ngo-2014.