KUNGENZEKA yini ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs onyamanambana kubalandeli beqembu ubevalelisa ngemuva kokunqoba ngo 1-0 kowe-Absa Premiership kuPlatinum Stars?
Inkulumo eyenziwe wuSteve “Mphathi” Komphela ekhuluma kwithelevishini ngemuva komdlalo obuseFNB Stadium ngempelasonto izwakale njengeyomuntu osazi ukuthi akasanakusasa eNaturena.
Ngeledlule iChiefs ishaywe yiChippa United ngo 3-0 obekuwumphumela oyikhiphela ngaphandle kombango wesicoco seligi. Lokhu akwehlanga kahle kubalandeli bayo abadinwe bahlasela uKomphela nabadlali bakhe ngemuva komdlalo. Kube sekulandela isitatimende lapho iChiefs ibiqinisekisa khona ukuthi izokwenza izinguquko ezinqala uma kuphela isizini.
Ayizange isho lutho ngekusasa likaKomphela kulesi sitatimende. Inkontileka yakhe yeminyaka emithathu iyaphela ngoJuni.
“Ngaphambi kokuthi ngihambe, kusemqoka ukuthi ngibonge wonke umuntu. Ngithanda ukudlulisa ukubonga kubona bonke laba abangifakele ingcindezi. Ngabe angikho kuleli zinga engikulo ngokuqeqesha ngaphandle kwabo. Ngabe ngiseyilendlu yodaka engifike kwiChiefs ngiyiyona ukube abazange bangicindezele ngale ndlela abenze ngayo abalandeli. Ngabe angilona leli dayimane esengiyilo manje ukube abakwenzanga kimina lokhu abebekwenza,” usho kanje lo mqeqeshi kuSuperSport ngemuva komdlalo.
Ngokuka-Komphela ukuthwaliswa kanzima ngamazwi ahlabayo abalandeli kuzona zonke izinhlaka zokuxhumana kumenze waphinde waqinelwa wukhakhayi kulo mkhakha wokuqeqesha ibhola esigabeni esikhulu.
“Kubalulekile ukumelana nengcindezi ngoba uma uhluleka ukukwenza lokho kufana nokuthi uphikisa uMdali kulokhu afuna ukufunde. UMdali ukufaka engcindezini ngoba ekuqinisela isikhathi esizayo kumbe indawo asuke esazokubeka kuyona. Kungenzeka leyo ndawo ibe kuwona unobhutshuzwayo kodwa futhi kungenzeka kube yinto ehluke kakhulu kulo mdlalo,” kusho uKomphela osekuphele iminyaka emibili nohhafu engafake lutho ekhabetheni lezindebe kwiChiefs.
Lo mqeqeshi oseke wapheka iFree State Stars, Platinum Stars neMaritzburg United uthi ufunde lukhulu wakhula kakhulu.
“Ngihamba kwiChiefs sengiwumqeqeshi ohlukile kulo engifike ngiwuyena yingakho kusemqoka kimina ukubonga wonke umuntu ngaphambi kokuthi ngihambe. Ngifike ngingaqinile kangaka kodwa manje sengifana nedwala. Abukho ubunzima engingeke ngikwazi ukubumela manje,” kusho uKomphela.
Akuzange nokho kucace ukuthi yini le uKomphela abekhuluma ngayo kodwa uma ulilandela ibholamaningi amathuba okuthi ubevalelisa ngoba usetsheliwe ukuthi inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe.
Nokho akungabazeki ukuthi indlela yokuvalelisa kubalandeli beChiefs sekungaba wukubashiya nesicoco seNedbank. NgoMgqibelo Amakhosi azobhekana neFree State Stars kowandulela owamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-8.15 ebusuku.