IPHINI lesibili eqenjini elikhulu le-Orlando Pirates, uBenson Mhlongo, libona ugcobho endleleni okuhlelwe ngayo iMultichoice Diski Challenge ephinde yadliwa yiLamontville Golden Arrows ngeSonto kulandela ukugingqa yona iBucs emdlalweni oqinisekise ukuthi Abafana Bes’thende basendleleni ebheke eSpain.
Ayikho imininingwane egcwele okwamanje ngohambo lompetha beDiski Challenge okuthiwa lubheke eSpain hhayi eNetherlands okuyilapho i-Arrows iye khona ngemuva kokudla lesi sicoco ngo-2015. Namanye amaqembu ake asidla lesi sicoco njenge-University of Pretoria neMamelodi Sundowns avakashele eHolland kulandela ukuhlabana kwabo.
Okukhathaza uMhlongo akuluthinti neze lolu hambo kodwa lo mqeqeshi osebenza ngaphansi kukaMilutin Sredojevic noRulani Mokwena ukhala ngendlela okuhlelwe ngayo lo mqhudelwano.
“Angifuni ukuzwakala njengomuntu onyazayo kumbe odla amandla abakwaMultichoice ngoba umsebenzi wabo muhle. Akekho ongasiboni isandla seDiski Challenge kwi-Absa Premiership. Kuyinkinga kithina kodwa ukungabi nesikhathi esanele sokubahlola kahle abadlali asebekulungele ukunyukela esigabeni esikhulu. Mincane imidlalo uma ingu-15. Mincane kithina leyo midlalo ukubabona kahle abadlali ngoba kwesinye isikhathi abanye ababi khona ngoba belimele kanti kubuye kube khona nezigwebo zamakhadi,” kusho uMhlongo.
Ngokwakhe kungangcono uma isizini ingagcwaliswa ibe nomdlalo womlenze wokuqala nowesibili.
“Uma imidlalo ingu-30 maningi amathuba okuthi umdlali azibonakalise. Ngisho angaphazanyiswa amakhadi nokulimala kodwa uma isizini inemidlalo engu-30 nethuba lokululama likhona futhi liningi. KwiPirates kunabadlali abagcina bengakhushulwanga kodwa uthi usukucubungula lokho kukucacele ukuthi ube nebhadi mhlawumbe walimala isikhathi eside. Uma weqiwe imidlalo eyisithupha kwisizini enemidlalo engu-15 mancane kakhulu amathuba okuthi kube khona okwenzayo ngemidlalo esuke isele ngingasakubali-ke ukuthatha iso lomqeqeshi,” kusonga uMhlongo.
Imidlalo yeMDC:
NgeSonto: Cape Town City FC Reserves v Free State Stars Reserves (Parow Park, 10am); Kaizer Chiefs Reserves v AmaZulu Reserves (King Zwelithini Stadium, 11pm); Chippa United Reserves v Orlando Pirates Reserves (Wolfson Stadium, 12pm); Platinum Stars Reserves v Polokwane City Reserves (Royal Bafokeng Stadium, 12pm); Bloemfontein Celtic Reserves v Maritzburg United Reserves (King Zwelithini, 9am); Bidvest Wits Reserves v Golden Arrows Reserves (Bidvest Stadium, 1pm); SuperSport United Reserves v Baroka FC Reserves (TUT Stadium, 12pm); Ajax Cape Town Reserves v Mamelodi Sundowns Reserves (Ikamva Stadium, 12pm)