ISIKHULU esiphezulu kwi-Orlando Pirates, uFloyd Mbele, sicacisa ngenkulumo esiyenze ngohambo lwephini lomqeqeshi weqembu uRulani Mokwena okuvele ukuthi liseLiverpool lapho liyokhulisa khona ulwazi lwakhe kwezokuqeqesha.
UMbele uyikhahlele ngazo zombili eyokuthi uMokwena (osematheni kulezi zinsuku) use-England lapho eyothekela khona ulwazi. Indaba ibisuke ngokubhalwe uMokwena ekhasini lakhe likTwitter lapho efake khona isithombe sekomkhulu lezinkulisa zeLiverpool.
Ubebhale ukuthi “asikho isikhathi sokukhuluma kakhulu ngoba kuningi okufanele kufundwe”.
Abaningi bamatanise lokhu nesimo esikhona phakathi kwakhe lo mqeqeshi nenhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uPitso Mosimane. Kuze kuba njena nje, yingenxa yombhalo kaBongani “Ben 10” Zungu odlala eFrance awenze ngeledlule lapho enze abaningi abakuchaze njengokukhweza uMokwena emakhanda oMosimane noMilutin Sredojevic, oqeqesha iPirates.
UZungu ubhale ukuthi uMokwena uyena owenza iPirates idlale kahle kanti nakwiSundowns uyena futhi obenza iwine. Ngempelasonto kusuke esinamathambo eLoftus Stadium ngesikhathi umlandeli weSundowns eqonda ngqo kuMokwena esho ukumfaka isibhakela. Kuze kwalamula uMosimane abeBucs besho ukumudla luhlaza lo mlandeli weSundowns.
NgokukaMbele enkulumeni ayenze kwenye yama-website ebhola adumile eNingizimu Afrika, ubengayazi nhlobo indaba yokuthi uMokwena useLiverpool.
“Akukho engikwaziyo ngokuthi uMokwena use-Europe. Angazi noma kukhona osebenzisa amakhasi akhe ezokuxhumana noma cha kodwa engingakusho ukuthi akulona iqiniso ukuthi uMokwena useLivrpool,” ucashunwe esho kanje uMbele.
Esethintwa yiSolezwe izolo emini uzwakalise ukungazimiseli ngokukhuluma ngoMokwena yedwana ngoba iqembu liyiqembu ngabo bonke behlangene.
“Ngiyavuma ngikhulumile ngoMokwena ngasekuqaleni kwesonto. Iqiniso lapha ukuthi bengingazi ukuthi ukuphi. Besidlale imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisikhombisa ngakho-ke bonke abadlali nethimba labaqeqeshi belinikwe izinsuku eziphela namuhla,” kusho uMbele izolo.
“Engingakusho ukuthi asibalandeli abantu ukuthi benzani ngesikhathi sabo. Kungenzeka ukuthi uMokwena uzihambele ngendlela yakhe ngesikhathi sakhe. Nakubadlali, ukhona obengaziyela eNew York singazi.
“Lokhu kuvumelekile uma umuntu enikwe isikhathi. Engingazimisele ngokukwenza ukuchaza izinto eziningi ngoMokwena sengathi uyena yedwa iBucs. Siyiqembu sonke. Akekho ozenzela okwakhe ngakho-ke kunzima kimina ukuthi ngingenaba ngokuningi.”