WALE waphetha umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst “Mazinyo” Middendorp ukuyikhulumela eziko eyekusasa lakhe eqenjini ngemuva kwehlazo lokuhluleka ukunqoba isicoco seNedbank Cup ngoMgqibelo.
IChiefs iziphendule izimpuphu ishaywa iTS Galaxy ngo 1-0 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. IGalaxy idlala kwiNational First Division (NFD). UZakhele Lepasa ube yiqhawe eshaya iphenathi ngemizuzu yokugcina esiwombeni sesibili. Bekuyigoli lesine likaLepasa kulo mqhudelwano.
UMiddendorp uhlulwa yindebe nje, iqembu lifike emdlalweni seliqalile ukuba yinhlekisa kwizitha ngenxa yokuqeda endaweni yesishiyagalolunye kwi-Absa Premiership.
Ebuzwa kuphindelelwa ngekusasa lakhe esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo, uMazinyo uthe asikho isidingo sokuthatha izinqumo imimoya iphezulu.
“Sibaphoxile abalandeli, safaka iqembu ehlazweni sishaywa iTS Galaxy kowamanqamu. Iqiniso ukuthi kufanele sihlale phansi nabaphathi beqembu sikhulume ngezinto eziningi ezithinta iqembu. Asikho isinqumo okufanele sithathwe njengamanje ngoba siyobe sigxile emizweni, ngakho sizothola isikhathi sibhunge ngezinkinga esizano,” usho kanje uMiddendorp.
Ngesikhathi uMiddendorp ephendula imibuzo yabezindaba bekukhona amadodakazi kaKaizer Motaung, uJessica noKemiso nabanye abasebenzi beqembu. Bebelokhu bewanikine njalo amakhanda, bencinciza uma enikeza izimpendulo obekuveza ngokusobala ukungenami kwabo ngalo mqeqeshi odabuka eGermany.
UMiddendorp ubuziwe ukuthi ngabe ubona ukuthi izinkulungwane zabalandeli ebezigcwalise iMabhida bezikufanele yini ezikubone kulo mdlalo.
Ephendula uthe: “Njengoba bese ngishilo, asidlalanga kahle neze. Asiyibongele iGalaxy ngokunqoba isicoco, ibe nomdlalo omuhle. Akukho esengingakusho okudlula ukuthi siphoxile kakhulu, sathela nabalandeli bethu ngehlazo”.
Ebuzwa ngokuthi yiziphi izizathu angazikhalela ngazo kubaphathi beqembu ekutheni agcine itoho lakhe, uMiddendorp uthe:
“Lokho ngizokukhuluma nabaphathi beChiefs, yibona abangacacisa kahle ngokuthi ngifanelwe yikuphi.”
Kuthe sekuphela isithangami zaphuma zichaya izandla izintokazi zikaMotaung, uMiddendorp yena esalokhu emi njalo kwelokuthi kuzohlalwa phansi kubhungwe ngokuthi yikuphi lapho iphume khona emgqeni inqola yaMakhosi.