MARK MAYAMBELA
UKAPUTENI weChippa United, uMark Mayambela, uthi iBidvest Wits iyona okumele ingenwe amanzi emadolweni njengoba izobavakashela namuhla eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, emdlalweni we-Absa Premiership ngo 8 ebusuku.

Kuzobe kungokwesibili la maqembu ehlangana esikhathini esingamasonto amabili. Egcina ukudlala kwi-quarterfinal yeNedbank Cup, kube yidili lamagoli ayisishiyagalombili. IChilli Boys yagcina idlule kumaphenathi ngo 5-3.

IWits iza emdlalweni umqeqeshi wayo uGavin Hunt engaliphonsile ithawula ngombango wesicoco seligi. Bahleli endaweni yesithathu phezu kokulahla amaphuzu emdlalweni odlule.

UMayambela nozakwabo bazobe belwela amaphuzu amathathu ukuze babalekele ukugawulwa yizembe ekupheleni kwesizini njengoba besendaweni ka-13 kwi-log.

Emdlalweni odlule bathole amaphuzu amqoka beshayela ekuhambeni AmaZulu FC njengoba sebebheke iZitshudeni.

“Kuyasikhuthaza (ukuya emdlalweni bephuma empumelelweni) njengoba sashaya amagoli amane sidlalela enkundleni yabo okuyinto ebesingakaze siyenze. Manje sizobe sisesibayeni sethu phambi kwabalandeli bethu. Ukuza kwabo lapha kuzokwenza izinto zibe zimbi kakhulu kubona. Yize kunjalo siyakuqonda ukuthi kuzomele sisebenze kanzima ukuze sithole amaphuzu amathathu,” kusho uMayambela.

Lo mdlali oyibamba esiswini uthe yize kungekuhle ukuzithwala kodwa uma ungumdlali webhola kumele uzethembe. Emidlalweni esele kwiligi bazodlala neMamelodi Sundowns, Cape Town City, Polokwane City neKaizer Chiefs.

“Imidlalo namaqembu athathwa njengamakhulu iyona ekukhuthazayo njengomdlali. Ngeke kube lula kithina kodwa nakubona ngeke kube yimidlalo elula. Sesibe nomgqigqo omuhle njengoba sisahlulwe kabili emidlalweni ewu-11 okuyisigqi esingakaze sisibambe phambilini.

"Okwethu wukubhekana nomdlalo ngamunye, owokuqala oweWits eesizobe sisebenzela ukuthola amaphuzu amathathu kuwo,” kusho uMayambela.