IMAMELODI Sundowns ihlabane ngomdlali we-Orlando Pirates u-Oupa "Ace" Manyisa. NgoLwesithathu usihlalo weZimnyama ubize isithangami nabezindaba lapho efike amemezela khona ukuthi uManyisa usejoyina iSundowns.
"Ngifuna ukumemezela ukuthi omunye wabadlali bethu omqoka maduze uzojoyina iMamelodi Sundowns. Siphezu kwezingxoxo noPatrice Motsepe ezinsukwini ezimbalwa ezidlule ngimazisa ngokubaluleka kwalo mdlali eqenjini, nakubalandeli. Ngemuva kokucabanga ngokujula ngalento, ngibone kungamujabulisa lo mdlali ukuthi ajoyine iMamelodi Sundowns. Kusanezinto ezimbalwa esisazozidingida ngalo mdlali, kodwa okwamanje ngingasho ukuthi u-Oupa Manyisa uzojoyina iMamelodi Sundowns," kusho uKhoza.
Kusona lesi sithangami nabezindaba uKhoza ufike wamemezela nomqeqeshi omusha uMicho Sredojevic. Lo mqeqeshi odabuka eSerbia uzovala isikhala sikaKjell Jonevret osule isigubhukane ngoLwesithathu ntambama.
Amaphini kaSredojevic azobuye amenyezelwe.