USENGCUPHENI yokuhlala engalithinti kuze kube isizini ezayo umdlali omusha weKaizer Chiefs, uKabelo Mahlasela, osayine esuka kuBloemfontein Celtic, uma kungukuthi okushiwo umqeqeshi wakhe uSteve “Mphathi” Komphela kuyiqiniso.
Ngokusho kukaKomphela ekhuluma nelinye lamaphephandaba aseGoli elisesitebeleni esisodwa neSolezwe, iThe Star, maningi amathuba okuthi ahlale izinyanga ezintathu noma ngaphezulu uMahlasela. Inkinga ngalokhu ukuthi iChiefs imlanda nje yingoba ibifuna ukuguqula isimo sayo kwiligi lapho ilokhu idlalela khona ngasesicongweni kodwa akukho okukhombisa ukuthi ingawushubisa umbango.
Amakhosi asayinise uMahlasela noSiphelele Ntshangase osuka kwiBaroka FC, noLeonardo Castro obekwiMamelodi Sundowns.
UKomphela uzwakalise ukujabula ngalaba badlali kodwa wakucacisa ukuthi okwamanje kusazoba uNtshangase noCastro ngoba uMahlasela ulimele ngendlela efanayo nokwalimala ngayo uRamahlwe Mphahlele ngo-Agasti.
IChiefs ibithembise ukuthi izocacisa ngakho konke ngoMahlasela izolo kodwa siye koloba lapha ingakasho lutho.
“Okungijabulisa kakhulu ngalaba badlali ukuthi bazosinika okwehlukile kulokhu ebesinakho. Akekho ongazi ukuthi uCastro wenzani uma enikwa kahle ibhola phambi kwamapali. Kunemidlalo eminingi obekufanele siwaqoqe egcwele amaphuzu kodwa sigcine sisala nelilodwa ngenxa yokuyeka amathuba esiwakhayo. UNtshangase uzoshintsha izinto esiswini.
“Ibhadi elikhulu nje libhekene noMhlasela ngoba bengingasakwazi ukulinda ukumbona esenkundleni enza adume ngazo. Ube nebhadi washayeka kabi edolweni eziqeqesha okokuqala. Kubukeka sengathi uzohlala izinyanga ezintathu engadlali ngakho-ke okwamanje abalandeli basazobona uCastro noStashi (Ntshangase),” kusho uKomphela.
Ukuba sesimeni esingesihle kukaMahlasela kuphinde kwaqinisekiswa othe uzibonele lo mdlali exhuga kabuhlungu ephuma eMorningside Private Clinic eGoli ehamba namadoda athile, obekukhona kuwona noTsepo Mabona wodumo kwithelevishini.
Akuqali ukuthi umdlali afike kwiChiefs ethwelwe ngeqoma kodwa abingelele ngokulimla. Ngesikhahti uCollins Mbesuma efika kwiChiefs uhlale isikhathi eside elimele baze bakhononda abalandeli beqembu. Uthe angalulama waqhulula amagoli angu-25 (eligi) ngesizini eyodwa okuyirekhodi eselime amasizini angu-12 ePSL.