ISIKWIBHISI se-Orlando Pirates, uKudakwashe Mahachi, sixwayisa ozakwabo ngobungozi beFC Platinum abazobhekana nayo emdlalweni wokuqala wamaqoqo weCAF Champions League eBarbourfields Stadium, KwaBulawayo, eZimbabwe, kusasa.
Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama.
IPirates ikuGroup B lapho iqhathwe khona nompetha banyakenye i-Esperance yaseTunisia, Horoya yaseGuinea nePlatinum yaseZimbabwe. Ingene esigabeni samaqoqo emuva kweminyaka eyisithupha.
Nokho umsebenzi omkhulu ohlalele iPirates owokuqala kahle isigaba samaqoqo ngokuthola amaphuzu amathathu kwaBulawayo kusasa.
UMahachi owazalelwa khona KwaBulawayo eminyakeni engu-25 eyedlule, uthe kuzoba wumqansa ukubhekana nePlatinum.
“I-FC Platinum iyiqembu elihle. Isiwine iligi kabili kulandelana. Iyiqembu elithanda ukugcina ibhola. Kade ngitshela nomqeqeshi ukuthi akufanele sibathathe kancane ngoba bayalidlala ibhola. Ngakho kufanele sizimisele kulo mdlalo. EBarbourfields abalandeli beHighlanders (izimbangi zePlatinum) bazobe beseka iPirates. Ngiyabazi ngoba ngilidlalile kuyona. Isiko liyafana. Ngiyajabula ukubuyela eBarbourfields Stadium,” kusho uMahachi.
Lo mdlali, osayine kwiPirates esuka kwiLamontville Golden Arrows ekuqaleni kwesizini, usengene emidlalweni emibili washaya amagoli esuka ebhentshini. Kusukela efike kwiPirates ubekade elizwa ngendaba ijezi. Kamuva ukwenzile lokho ngesikhathi eZimnyama zihlula iChippa United ngo 4-2 emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesibili. Umqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, umncomile uMahachi ngokwenyusa kwakhe izinga.
“UMahachi ngahlangana naye eminyakeni emine edlule. Ngibhekanile naye ekwamanye amaqembu waze wafika kithina. Akulula ukusuka kwi-Arrows uze kwiPirates. Ezinyangeni eziyisithupha esazama ukujwayela, kwenzeke into ebuhlungu ngoba ushonelwe ngumama wakhe. Usebenze kanzima ekusukeni kuKuda othembisayo kuya kuKuda wangempela ongene emizuzwini engu-15 yokugcina emidlalweni emibili washaya amagoli. Ukhombisile ukuthi ungumdlali ongangena enze umehluko,”
IPlatinum izobhekana nePirates isihlome ngowayengumdlali weKaizer Chiefs, * -Edmore Chirambandare, olaxaze iMaccabi FC edlala kwiNational First Division (NFD) ekupheleni kwesonto eledlule. UChirambandare, oyibamba esiswini kwesokunxele, uchithwe yiChiefs nyakenye, wajoyina omakoti beNFD. Nakuba izikhulu zeMaccabi bezimanqika ukuvuma eyokuhamba kwakhe kodwa umthombo ongaphakathi ukuqinisekisile ukuthi uChirambandare ubuyele ekhaya.
“Uhambe ngesonto eledlule, ubuyele ekhaya. Ngizwe sengathi bamthembise imali engcono. Ungumdlali osezingeni eliphezulu ononyawo lwesokunxele oluqeqeshiwe kodwa akabanga nayo inhlanhla lapha eqenjini. Uma kuwukuthi abaphathi bamnikile incwadi yokumkhulula, nakanjani uzodlala kowePirates,” kusho umthombo. Komunye umdlalo weChampions League, iMamelodi Sundowns izobhekana neLobi Stars yaseNigeria, eNnamdi Azikiwe Stadium, namuhla ngo-6 ntambama.