Umqeqeshi weBaroka FC uWedson Nyirenda. Isithombe: Phando Jikelo

USEKULUNGELE ukukhonjwa afika ngayo uWedson Nyirenda umqeqeshi weBaroka FC edonsa kanzima kwi-Absa Premiership. IBaroka iphinde yadedela amaphuzu ekhaya ivumela ukushaywa yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu.

UNyirenda, osanda kubiza abadlali bakhe ngama-amesha emuva kokudedela kwabo amaphuzu kade behamba phambili bebhekene neBloemfontein Celtic, uthe usekulungele ukushenxa esikhundleni uma abaphathi bekholwa wukuthi kasisamfanele.

“Uma abaphathi bengathi kimina bayangixosha ngingaphuma ngomnyango ngikhululekile ekujuleni kwenhliziyo yami. Mhlawumbe vele sekuyisona isikhathi sokuthi kuthathe esinye isandla,” kusho uNyirenda.