UMILUTIN Sredojevic okuvela ukuthi uqokwe njengomqeqeshi weZamalek ngemuva kwamahora elaxaze i-Orlando Pirates Isithombe: BACKPAGEPIX
NGEMUVA kwamahora uMilutin "Micho" Sredojevic, elaxaze i-Orlando Pirates, uvumbuke kwiZamalek njengomqeqeshi wayo omusha.

Izindaba zokuqashwa kukaMicho, waseSerbia, kwiZamalek yase-Egypt ziqinisekiwe ngumthombo wezindaba zebhola ohamba phambili eGibhithe, i kingfut.com .

Akucacanga ukuthi uMicho usayine inkontileka engakanani kwiZamalek kodwa usihlalo waleli qembu, uMortada Mansour ucashunwe ethi:

"UMicho nguyena obengunngqaphambili. UTarek Yehia uzoba yiphini lakhe, u-Ayman Abdelaziz uzoba ngumdidiyeli kuthi u-Amir Mortada aqhubeke njengomqondisi kanobhutshuzwayo."

Lo mthombo uveze nokuthi uMicho uthathe amatomu kumkhaya wakhe u-Aleksandar Stanojevic, obememezelwe ngoLwesine njengomqeqeshi weZamalek.

UMicho usule isigubhukaze kwiPirates, kwavela nezaindaba zokuthi ubheke eSerbia kodwa wavumbuka e-Istanbul, eTurkey nokusheshe kwaqongisa ezokumataniswa ne-Egypt.

Ukusula isigubhukane kukaMicho kumataniswe nokunwengulwa kwePirates yiSuperSport United ngo 3-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngo 3-0 ngoLwesithathu ebusuku.

Ngokwesibili iSuperSport ibukisa ngePirates maqede kusule umqeqeshi.

Kwenzekile lokhu ngo-2017 Ezimnyama zicijwa nguMuhsin Ertugral waseTurkey.