UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDennis Onyango, uvikela abagadli beqembu esomisweni samagoli esihlasele eChloorkop.
ISundowns ikhishwe kabuhlungu kwi-CAF Champions League yiHoroya yase-Guinea emdlalweni obekufanele iwuwine ukuze idlulele esigabeni sama-quarterfinal. Igcine ihlulekile ukushaya igoli phezu kwendathane yamathuba ewakhile.
Kwi-Absa Premiership isashaye amagoli amathathu emidlalweni emithathu okungamaphenathi amabili kaRicardo Nascimento nelikaLebohang Maboe alishaye behlula iPolokwane City ngo 2-0. Ngempelasonto edlule ihlulwe yiCape Town City ngo 1-0 emlenzeni wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN 8 eKapa.
“Ngicabanga ukuthi kufanele abagadli sibasize nathi emuva sibanike amabhola amaningi. Lokhu kubhekene neqembu lonke, asikwazi ukubagxeka ngoba ngabe sihlukanisa phakathi iqembu. Uma umdlali wasemuva ethola ithuba naye angalishaya igoli. Umsebenzi awuhlezi emahlombe abagadli kodwa useqenjini lonke.
“Iqembu lifuna ukubumbana ukuze lithole imiphumela. Mhlwumbe amaqembu esidlala nawo aqine kakhulu emuva yingakho singawashayi amagoli. Kodwa sidinga ukubeseka abagadli bethu futhi sidinga ukuthola isixazululo enkingeni yamagoli. Ngicabanga ukuthi akukubi kangako kodwa inkinga wukuthi sihlulwa ngamathuba,” kusho u-Onyango.
Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, usanda kuveza ukuthi akakhathazekile ngenkinga yokugqoza kwamagoli ngoba bayawakha amathuba, wathi angaqala ukubona ukuthi banenkinga uma bengasawakhi. Kulezi zinsuku kumnyama kubadlali beSundowns abajwayele ukuyishayela amagoli okukhona kubona uSibusiso Vilakazi, Themba Zwane nabanye.
Nokho kuzofanele amaBrazilians ashintshe ukwenza uma ezimisele ukudlulela kowamqamu weMTN 8. Azokwamukela i-The Citizens kowomlenze wesibili eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Uma iSundowns ihlulekile ukushaya igoli kungasho ukuphuma emiqhudelwaneni emibili ngesonto elilodwa.
Ngakolunye uhlangothi iCity, eqeqeshwa nguBenni McCarthy, iyishaya iphindelela inethi kulezi zinsuku. Maphakathi nesonto kowePremiership, ibuye seliyozilahla kunina ibambana ngo 2-2 neFree State Stars.
“Likhona ithuba lokudlulela phambili kodwa lo mdlalo siwubuka ngokuthi usekhefini, bahamba phambili. Sinethemba kowomlenze wesibili. Lena yindebe esingakaze siyiwine siyiqembu, nami angikaze ngiyiwine. Ngiwubheke ngabomvu umdlalo ngeSonto. Asikwazi ukugxila emphumeleni weChampions League kodwa kufanele sakhele kuwona siqhubekele phambili. Sidlala neqembu elihle elinabadlali abasezingeni eliphezulu. Ngethemba ukuthi sizodlala kahle ngeSonto,” kusho u-Onyango.