UKUKHULA kanzima kukaTeko “The Navigator” Modise, agcine asengumdlali ohlonishwayo ebholeni elikhokhelayo kuyamkhuthaza uSonke “Section10” Ntuli ongumdlali weRoyal Eagles okubhekwe ukuthi ikhale yemuke nesicoco seNational First Division (NFD) noma ithole indawo kuma-play offs.
UNtuli (23), ongumdlali wasesiswini waKwaMashu, Kwa-N, uthi unephupho lokunqoba okwesibili isicoco seNFD ne-Eagles, njengoba eseke wasinqoba neThanda Royal Zulu okwagcina kudayiswe isitifiketi sayo sathengwa AmaZulu FC eminyakeni emibili edlule. Usayine kwi-Eagles ngasekuqaleni kukaDisemba ngonyaka owedlule.
Usayine inkontileka yezinyanga eziyisikhombisa, nesivumelwano sokuvuselela uma kuphela isizini.
UNtuli ufunde ePinetown Boys High kodwa waqedela * -matric wakhe eDurban Boys High.
“Ngiqale ukudlala ibhola ngineminyaka eyisikhombisa. Kuthe ngineminyaka eyisishiyagalolunye ngadlalela iqembu elibizwa ngeStella FC. Kuthe ngineminyaka engu-12 ngabonwa iLamontville Golden Arrows ngahlala kuyona ngaze ngaba neminyaka engu-18. Ngibe sengijoyina iThanda engihlale kuyona amasizini amathathu, ngashiya kuyona ngemuva kokuthi idayisiwe sesiwine iligi. Ngihlale isizini eyodwa kwiRichardsBay FC, njengoba sengisayinwa yi-Eagles njengamanje,” kulandisa uNtuli.
Abadlali uNtuli abukela kubona ngoPhilani Cele oke wadlala kwiKaizer Chiefs nakwiThanda, uMazwi Mncube agijima naye kwi-Eagles, uModise oke wadlala kwiBafana Bafana, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns (ukusho ambalwa awadlalelile), Andres Iniesta obedlalela iBarcelona yaseSpain noMarco Verrati odlalela iPSG yaseFrance.
“Engikuthanda kuCele ukuthi unekhono eliyisimanga, futhi uzithobile. UMncube ngithanda ukuziphatha kwakhe ejimini, futhi uyazinikela ngeke umuzwe ekhalaza noma ngabe kunjani. Ngiyayithanda indlela uModise akhule ngayo kanzima, ngoba iyangikhuthaza,” kusho uNtuli.
UNtuli uthi akakungabazi ukuthi i-Eagles ingasinqoba isicoco seNFD, inkani nje uma bezoqhubeka nokuzwana nokuhloniphana bengabadlali.
“Akubona abaqeqeshi nabaphathi beqembu abadlala enkundleni, kepha ithina badlali esenza lokho. Ngizama ukuthi, kubalulekile ukuthi sizwane singabadlali, silekelelane futhi sesekane. Ayikho into eyedlule ukuzwana ningabadlali yikhona okuwukhiye wempumelelo,” kuphetha uNtuli.