ISIQALILE ukuthungatha umqeqeshi omusha iBlack Leopards okubikwa ukuthi izama ukushela uLuc Eymael ukuba azoyitakula kulesi simo ebhekene naso.
ILeopards iqinisekise ngoLwesibili ukuthi isixoshe umqeqeshi uLionel Soccoia kanye nethimba lakhe okukhona kulo iphini uPatrick Mabedi nemenja yeqembu uProfessor Ngubane ngenxa yokugqoza kwemiphumela selokhu kuqale isizini.
Ngokusho komthombo osondelene neLeopards kwi-KickOff, iqembu seliqalile ukuxoxisana noLuc Eymael oseke waqeqesha iPolokwane City neFree State Stars futhi liyethemba ukuthi uyena okulungele ukuphakamisa iqembu.
ILidoda Duvha ihleli kunombolo 12 kwi-ABSA Premiership njengoba isanqobe umdlalo owodwa, yashaywa kathathu, yadlala ngokulingana kowodwa.
Ngokusho kwemibiko ehlukene, uSoccoia ukhonjwe indlela ngenxa yokungazwani nabadlali kanye nephini lakhe uMabedi. Kuvela ukuthi ubengakaze azixake ngokuqondisisa indlela iLeopards edlala ngayo futhi ubejimisa abadlali okwezigqila uma bezilolonga, eyishaya indiva eyokudlalwa kwebhola.
Ukuqashwa kuka-Eymael kungenzeka kungahlali kahle kuSteve Komphela olibeke ngembaba elokuthi akamfuni lomqeqeshi eNingizimu Africa ngoba uyinyoka futhi uxoshisa abaqeqeshi emaqenjini abo.
Uma iLeopards igcina ingafiki esivumelanweni no-Eymael ngoLwesihlanu, kungenzeka baholwe iphini likamqeqeshi lesibili uMorgan Tshivambu nomlolongi wonozinti uSam Banda emdlalweni weligi nomakoti iStellenbosch FC ngoMgqibelo ekuhambeni.
USoccoia ube ngumqeqeshi wesithathu okhonjwe indlela kuleli sonto ngenxa yokuphikwa yimiphumela kwazise uCavin Johnson uxoshiwe kuMazulu noClinton Larsen wakhonjwa afike ngayo kwiChippa United.