UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ubona okuhlukile kubadlali kunalokhu obekukhalwa ngakho ngesizini edlule kokuthi akusekho ukuzigqaja ngokulwela ibheji leqembu.
USredojevic ukusho lokhu kwabezindaba ngemuva kokuqhubeka nokungahlulwa kwi-Absa Premiership emidlalweni emithathu.
IPirates ihlule i-Ajax Cape Town ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoLwesibili ngegoli likaBernard Morrison elingene esiwombeni sokuqala.
Njengoba imidlalo isephansi, ukuqala ukuncoma iBucs kungenzeka abanye bakubone njengokubala amaqanda inkukhu ingakachamiseli kodwa uma kubhekwa ukuthi amanye amaqembu amakhulu aseke aqhuzuka, uMicho angaxolelwa ngokujabulela akubonayo kwezakhe.
Lapha kukhulunywa ngeqembu ebeliyinhlekisa liphuma emidlalweni yemikhumulajezi, laphinde laqeda endaweni embi ka-11 kwi-log ngesizini edlule.
Kulokhu iPirates iqale kahle ishaya iChippa United ngo 1-0, yabambana neBaroka njengoba isicosha amanye amaphuzu agcwele kwi-Ajax.
“Abadlali bayalihlonipha ibheji. Bazimisele abasiyona le nto abebevezwa sengathi bayiyo. Ngiyaziqenya ngokusebenza nabo,” kusho uMicho.
Ngesikhathi izinto zibheda kwiBucs abanye bebesola abadlali ngokudonsa izinyawo ngamabomu ngoba kuliwa nabaqeqeshi abebekhona. Isizini edlule iqalwe uMuhsin Ertugral okube nezinkulumo zokuthi abanye babadlali bebengamuzwa ngenxa yokuba nesandla esiqinile.
Ngisho unozinti weBidvest Wits, uMoeneeb Josephs, owake wayibamba kweZimnyama, wasola abadlali bePirates ngokuthanda ukubukwa ezinkundleni zokuxhumana, sebekhohliwe ukulwela iqembu.
Ephawula kwiSuperSport ngemuva komdlalo, uMicho, uthe: “Singene emdlalweni ngenhloso yokuwina. Asizange lokho sikwenze ngokushesha njengoba isekhona inkinga yokungaqedi ngokushesha ngezitha.”
IPirates iwatholile amanye amagoli amabili esiwombeni sesibili kodwa uThamsanqa Gabuza kwathiwa ubesemhlabeni ongamfanele. UMicho uthe uyavuma kwelokuqala kodwa isinqumo sesibili uthe akasizwisisi kahle.
Kusasa bazovakashela iMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngo-8 ebusuku.
"Sinemidlalo emine ezinsukwini ezingu-11, ukunqoba kuzokhuthaza abadlali baqhubeke nokuqoqa amaphuzu ukuze babuyisele iPirates endaweni eyifanele,” kusho uSredojevic.