ISITOBHA seBidvest Wits, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, sikholwa wukuthi ukucazelana kwamaqembu izindebe ku-Absa Premiership kukhombisa ukunyuka kwezinga lebhola eNingizimu Afrika okuzohlomulisa iBafana Bafana.
UHlatshwayo ukubadlali abaqokelwe imiklomelo yePremiership ezokhishwa emcimbini ozoba ngoMsombuluko eGauteng. Uqokelwe oweDefender of The Season noweFootballer of The Season. UHlatshwayo uhole iWits yawina isicoco seligi neseMTN 8 ngesizini ka-2016/2017. INedbank Cup idliwe yiSuperSport United kwathi iTelkom Knockout yawinwa yiCape Town City.
“Iligi ishube kakhulu manje uma ubheka umehluko wamaphuzu emaqenjini amane aqede phezulu kwi-log. Abadlali bayazimisela kakhulu. Lokhu kuzosiza iBafana Bafana,” kusho uHlatshwayo.
Ngesizini ka-2015/2016, uHlatshwayo uqokelwe umklomelo weDefender of The Season kodwa wakhala ngaphansi kuThabo Ntethe weMamelodi Sundowns. Uthe ubheke ukuwina oweFootballer of The Season ovotelwa ngabaqeqeshi abahlukene bamaqembu ePremiership azowubanga noLebogang Manyama weCape Town City noHlompho Kekana weSundowns.
“Ngibabele ukuwina umklomelo weFootballer of The Season kwazise lona omunye sengike ngaqokelwa kuwona ngesizini edlule,” kusho uHlatshwayo.
Ngaphandle komklomelo weFootballer of The Season, omunye obhekwe kakhulu ngowePlayers’ Player of The Season ovotelwa ngabadlali. Uzobangwa nguManyama, Aubrey Ngoma weCape Town City (oqokelwe noweMidfielder of The Season) noPercy Tau weSundowns.
“Ngivotele * -Aubrey Ngoma. Udlale kahle kwiCape Town City futhi indlela abehlasela ngayo benoManyama noMajoro (Lehlohonolo) ibithwesa ubunzima inqwaba yabadlali basemuva.”
IWits isiqalile ukusayinisa abadlali ezoqinisa ngabo isikwati sayo. Ngesonto eledlule imemezele uDaylon Claasen owayegijima kwi-Ajax Cape Town eminyakeni edlule. UClaasen ubedlala eGermany.
UManyama uthe nakuba iningi likholwa wukuthi uzowina umklomelo weFootballer of The Season kodwa kufanele azithobe ahloniphe abantu abanga nabo. Uphawule nangokufika kukaBenni McCarthy.
“Ngikholwa wukuthi sibhekane nenkinga emidlalweni emine yokugcina ngoba besineqhinga elilodwa, amaqembu esazi ukuthi sidlala kanjani kodwa singashintshi. Ngikholwa wukuthi ngesizini ezayo sizoba neqhinga lokuqala, elesibili, nelesithathu,” kusho uManyama.
“Angikahlangani noBenni kwazise nginikwe ikhefu ngoba bengiseqenjini lesizwe kodwa ngikholwa wukuthi uzosisiza. Nami ngibheke ukuncela ulwazi oluningi kuyena mayelana nokushaya amagoli obekuyinto yakhe esadlala.”