UGILE izimanga umdlali omncane waKwaZulu-Natal, uLungi Ngidi, ethatha amawikhethi ayisikhombisa asize iNingizimu Afrika yakhala yemuka nochungechunge lwemidlalo emithathu yamaTest edlalwa amaProteas ne-India.
INingizimu Afrika ibhudluze i-India ngama-run angu-135 eSuperSport Park, eCentrurion, ePitoli, ngemuva kwalokho yahamba phambili ngo 2-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yamaTest. Umdlalo wokugcina uzoqala ngoLwesithathu eBidvest Stadium, eMilpark, eGoli. AmaProteas anqobe umdlalo wokuqala ngama-run angu-72 ePCC Newlands, eKapa. UNgidi udlale ingcwenga yekhilikithi ethatha amawikhethi ayisikhombisa kuma-innings amabili. Lo mfana omncane (21) ubedlala umdlalo wokuqala wakhe wokuqala kumaTest kwelesizwe.
Ubizwe ngemuva kokulimala kukaDale Steyn. Exoxa nengwazi yamaProteas, uShaun Pollock, ukubeke kwacaca ukuthi ujabule ngendlela adlale ngayo ngomdlalo wakhe okuqala. “Okwamanje angikakholwa kodwa ngijabule ngendlela engidlale ngayo. Ngijabule kakhulu njengamanje. Izinto zingiguqukele ngokushesha. Ngikhombisa izimpawu zokubuyelwa umgqigqo. Bengikhombisa umgqigqo emidlalweni yasekhaya. Ngesikhathi ngibizwa kwelesizwe bengizizwa ngisefomini. Ngize lapha ngenhloso yokuzoziveza ukuthi ngiphetheni. Ngenhlanhla enkulu bengidlalela enkundleni yasekhaya,” kusho uNgidi.
UNgidi ugcine eqokwe waba ngumdlali ovelele. Inkundla yasePitoli iSuperSport yikhaya likaNgidi ngenxa yokuthi iqembu alidlalelayo amaTitans liyidlalela khona imidlalo yasekhaya.
“Abalandeli nabo bakwenza uzizwe usekhaya uma udlalela kule nkundla. Into emqoka wukwenza izinto ezilula. Kumele ubeke ibhola ezindaweni eziyingozi kwi-batsman. Inkundla ibinemigodi emincane obekwenza ibhola ligqome kakhulu phansi. Lokho kusizile ngoba belishaya le migodi emincane bese liya kwi-batsman selishesha okusinike amawikhethi. Inkundla ibingasheshi ngendlela ejwayelekile kodwa njengoba ngingumshwibi kumele ngikwazi ukumelena nezimo zenkundla ezahlukene,” kusho uNgidi. AmaProteas aqhubekile nerekhodi lawo elihle eSuperSport Park. Kusukela aqala ukudlala kule nkundla ngo-1995 ngesikhathi ebhekene ne-England, asenqobe imidlalo engu-18, ashaywa emibili (yi-England ngo-2005 ne-Australia ngo-2014) adlala ngokulingana kwemithathu.
AmaProteas awakaze ashaywe yi-India emidlalweni yochungechunge ekhaya. Asebhekane ne-India emidlalweni eyisikhombisa manje yochungechunge futhi ayinqoba yonke. Elakuleli yilona elinqobe ithosi ngosuku lokuqala laqoka ukubhetha kuqala. Liphume lonke selenze ama-run angu-335 kwase kungena i-India bayikhipha yonke seyenze ama-run angu-307. Kwi-innings yesibili amaProteas ashaye ama-run angu-258 kwathi i-India yaphuma yonke seyenze ama-run angu-151. I-India igcine ihlulekile ukufica * -287 ebiwudinga ukuze inqobe.
Khona manjalo iqembu lesizwe lakuleli lika-Under 19 lizibekisele indawo kuma-quarterfinal eNdebe yoMhlaba ka-Under 19 eseNew Zealand. Izolo elakuleli lithele othulini iWest Indies ngama-run angu-76. Seliqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili. Kowokugcina lizodlala neNew Zealand ngoLwesihlanu ngo-3 ezintathakusa.