UTHAMSANQA Gabuza we-Orlando Pirates exinwe uClayton Daniels weSuperSport United emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ebusuku
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ufuna bayilungise indaba yokugcwala inkundla komgadli uThamsanqa Gabuza abona ephazamisa abanye abadlali ezindaweni abazidlalayo.

I-Pirates ibambane ngo 0-0 neSuperSport United emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ebusuku. Kulo mdlalo bekulindeleke ukuthi iPirates iziphindisele kwiSuperSport ebukeka isiyiphuze inyongo kumasizini ambalwa edlule. EZimnyama zigcine ukuhlula Amatsatsantsa ngo-2015.

Emuva komdlalo wangoLwesibili, uSredojevic ukhale ngokucindezelwa yiSuperSport zibekwa okwenze kwaba nzima ukudlala. Wabalula indlela uGabuza abedlala ngayo engami endaweni abamdinga kuyona. Abanye abadlali bePirates okukhona kubona uLuvuyo Memela noThabo Matlaba bebegcina bengasazi ukuthi bazodlala kanjani ngenxa yokuthi uGabuza ubesedlala nabo kwesokunxele.

Ezinyangeni ezedlule lo mqeqeshi ukhale esifanayo ngoGabuza, ethi akafuni ukuhlala ebhokisini ukuze aqedele amabhola agotshwa ezinhlangothini.

“Kunomthelela omkhulu lokhu, ukuba sendaweni efanele nokuvula izikhala uma ibhola lidlalwa ezinhlangothini. Kuyiqiniso ukuthi kukhona izinto ezithize (okufanele zilungiswe). Uma uThabo enyuka ezinhlangothini kufanele uGabuza amvumele ukuthi aqonde indoda. Sizosebenza naye kulokhu ngoba lokhu kungasenza siwine imidlalo,” kusho uSredojevic.

Ngokubanjwa yiSuperSport, iPirates iphunyukwe yithuba lokuhlala esicongweni se-log yePremiership okokuqala kule sizini. Ngempelasonto izokwamukela AmaZulu e-Orlando Stadium.

USredojevic uyichithile eyokungena emakethe uma kuvula iwindi lokusayinisa abadlali ngenyanga ezayo. Ngaphansi kwakhe iPirates isawine imidlalo yeligi emine kuphela kusukela kuqale isizini ka-2017/2018.

“Ngiyabahlonipha abadlali esinabo futhi ngibona benza konke okusemandleni ukuthi siwine imidlalo. Ngikholwa wukuthi iqembu sisalakha. Lokho ngeke ukwenze ngokucindezela inkinobho nje bese kuyenzeka,” kusho uSredojevic.

“Khona kubuhlungu ukuthi asiwinanga ngoba abadlali bekubafanele. Kodwa ukuzethemba kusekhona. Sizobhekana naMaZulu neFree State Stars ngokulandelana. Ngicabanga ukuthi kukhona izinto okufanele sizilungise ngaphambi kokuqala umzuliswano wesibili weligi.”

Imidlalo ye-Absa Premiership:

Kusasa: Maritzburg United v Baroka FC (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibelo: SuperSport United v Cape Town City FC (Mbombela Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Bidvest Wits (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Platinum Stars v Kaizer Chiefs (Royal Bafokeng Stadium, 6pm); Ajax Cape Town v Chippa United (Bidvest Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v AmaZulu FC (Orlando Stadium, 8.15pm);

NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Free State Stars (Dr Molemela Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v Mamelodi Sundowns (Princess Magogo Stadium, 3.30pm)