UFAROUK Khan, uchome uphaphe lwegwalagwala, umqeqeshi weCapeTown City, uBenni McCarthy, ngokuba nesibindi sokunikeza uTokelo Rantie, elinye ithuba lokuzibonakalisa kulo mdlalo ngemuva kokunyamalala kwakhe isikhathi esingangesizini engawuthinti unobhutshuzwayo ngenxa yokungamhambeli kahle kwezinto eTurkey.
UKhan nguyena owathuthukisa lomdlali ekudlaleni unobhutshuzwayo enkulisa yakhe iStars of Afican Football Academy.
URantie (27), ovuswa kwabafileyo ubedlala kwiGençlerbirlii Spor ngemuva kokushiya kwiBournemouth yase-England kusukela ngo 2013
kuya ngo2016, ashiye ngawo ngoba eseya eTurkey.
“Kufanele ambonge uBenni (McCarthy) ngokuba nesibindi sokumnikeza elinye ithuba.
“Akekho umqeqeshi ebholeni elikhokhelwayo ongavele abe nesibindi sokusayinisa umdlali obesehlale isizini yonke engadlali.
“Engibona ukuthi kuqinise uBenni ukuthi athathe lesinqumo kungenxa yokuthi ngesikhathi bekwiPirates ubambe iqhaza lokuba ubhuti omdala kaRantie, emeluleka futhi emcobelela ngamava okudlala njengomgadli,”kusho uKhan.
Ebuza ukuthi ngabe yini lena eholele ekutheni uRantie angadlali isizini yonke uthe kube ngenxa yezizathu ezibhekene naye, engingathandi ukwenaba ngazo kwabezindaba.
“Anginayo imininingwane ngokwaqhubeka eTurkey ngoba wayemukelwe ngesasasa ngesikhathi efika khona. Engimncoma ngakho uRantie ukuba bukhali ekutheni abone ukuthi ngubani kubaqeqeshi abebemfuna ongabuyisela izinga lakhe endaweni yalo. UBenni ungumqeqeshi osemncane futhi okwaziyo ukusebenzisana nabadlali. Ngakho angingabazi ukuthi ukusebenzisana kwabo kahle usengazithola ebuyela e-Europe ngemuva kwesizini,”kusho uKhan.
Ukunyamalala kukaRantie ngesizini edlule kumlahlekisele ngendawo yakhe kwiBafana Bafana ngemuva kokushaya into ecokeme ngesikhathi idlala neNigeria edume ngamaSuper Eagles kuhlungelwa imidlalo ye-Afcon ezodlalelwa eCameroon ngonyaka ozayo.
URantie ufike kahle kwiCity ngesikhathi lapho idlala ibhola elinenkosi phakathi nokuthi leli qembu lizodlala emdlalweni wamanqamu eMTN 8 Wafa Wafa ngokuphela kukaSepthemba.
Lo mgadli usayine iminyaka emithathu kuleli qembu laseKapa elibophele izikhweqe zabadlali.