NGEKE esabonakala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) umdlali weMontpellier eFrance, uKeagan Dolly ngemuva kokulimala ngesonto elidlule esekhempini yeqembu lika-Under 23 elidlala kwiCosafa Cup eThekwini. Ubefakwe kulona ngenhloso yokuzama ukubuyisa ifomu yakhe kulandela ukuchitha isikhathi esiningi engadlali ngesizini edlule ngenxa yokulimala.
NgoMsombuluko uDokotela weBafana uDkt Thulani Ngwenya uthe awekho amathuba okuthi lo mdlali uzobe ekulungele ukudlala kwi-Afcon, iBafana ezoyiqala ngomdlalo ne-Ivory Coast ngoJuni 24 eCairo, e-Egypt.
Umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter ebuzwa ngamathuba kaDolly okuya e-Egypt uthe konke kulele embikweni wodokotela, osucacisile ukuthi ngeke aye.
“Esingakufuni wukufika e-Egypt sizithole sesishoda ngomdlali yingakho sithi kungcono sisihlole isimo manje bese kuyima sithatha isinqumo.” kusho uBaxter.
UDolly walimala ekhempini yeBafana nyakenye kade ilungiselela ukudlala neLibya emdlalweni wokuhlunga.
Abanye abadlali abebengekho ejimini ngoMsombuluko, uJoel Untersee weFC Zurich noweCrystal Palace uNikola Tavares.
@BafanaBafana players are raring to go as preparations for AFCON gets underway at Steyn City School in Fourways pic.twitter.com/HL352vQ97D
— Bafana Bafana (@BafanaBafana) June 3, 2019
UBaxter uthe kube nenkinga ekutholeni amaphepha alaba badlali okuza kuleli. Uthe useyobabheka ngomuso kodwa okwamanje abasekho ezinhlelweni zakhe.
U-Untersee wazalwela kuleli kanti unobuzwe baseSwitzerland njengoba afika khona esemncane. UTavares wazalelwa eCape Town ngabazali baseCroatia.