UFUNA ukuqhubeka lapho kugcine khona uFadlu Davids umqeqeshi omusha weMaritzburg United, uRoger de Sa othathe lo msebenzi ekuqaleni konyaka.
UDe Sa, obesuka ku-Ajax Cape Town ayishiye ngoba ephikwa yimiphumela eKapa, unethemba lokuthi eMphithi uzokwazi ukuqhubeka nokujabulisa abalandeli njengoba kade kwenza uDavids obebambe izintambo kusukela kushiye * -Ernst Middendorp. UDavids ubambe isihlalo imidlalo emihlanu, wangehlulwa ngisho nowodwa okungamaphuzu asize iTeam of Choice yaya ekhefini ibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu. Njengoba kubuye imidlalo ye-Absa Premiership izovula ngokuvakashela iPolokwane City namuhla e-Old Peter Mokaba Stadium ngo-7.30 ebusuku.
“Ngibona izinto zihlangana kahle selokhu ngifikile. Neqembu lethu leDiski (Multichoice Diski Challenge) lenza kahle (lihlulwe okokuqala ngempelasonto emidlalweni emine). Sizozama ukuthi sibambe umgqigqo wokungahlulwa naseqenjini elikhulu. Ngijabule ngendlela abanye abadlali bethu abayibamba ngayo kuDiski, sengibheke ukubona benza okufanayo noma sesidlala kuPremiership,” kusho uDe Sa.
Kuvalwe i-United iyibambe endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-15. IPolokwane ezodlala nayo ishintshile ngaphansi kobuholi bukaLuc Eymael njengoba ibihleli endaweni yesithupha (ngaphambi kwemidlalo yayizolo) okuyinto ebingayazi kumasizini ambalwa edlule.
Kungalesi sizathu sokushaya ngonyawo olusha kweCity, okwenza uDe Sa axwayise abadlali bakhe ngokungazizeli ngobuso izimbangi. “IPolokwane isiyiqembu elihlukile ngakho silindele umdlalo ozoba nzima. Kodwa ngethemba ukuthi nathi sizodlala ngokuzimisela, sibuye nomphumela omuhle.”
Okunye okwenza lo mqeqeshi alithembe iqembu wukuthi nabadlali abebelimele bonke sebeluleme futhi ubuye ewumqemane no-Evans Rusike obeseqenjini leZimbabwe elidlale ku-Africa Cup of Nations ebiseGabon. Kubadlali okuzolindeleka bagqame kuTeam of Choice abenza kahle kuDiski nguBandile Shandu, Luyanda Ntshangase, Mohau Mokate noMlondi Dlamini.