UVULE izandla ekubeni yiphini likaStuart Baxter uma egcina enikwa isikhundla sokucija iBafana Bafana umqeqeshi onamava uRoger De Sa.
Ngenyanga edlule uDe Sa usule isigubhukane kuMaritzburg United abeqale ukuyiqeqesha ngoJanuwari. Kuleli qembu ushiye ngoba engaboni ngaso linye noFadlu Davids oyiphini. UDavids nguyena osebambe izintambo zokuqeqesha kuTeam of Choice.
Ngesonto eledlule iSuperSport United ikhiphe isitatimende imemezela ukuthi isinike iSouth Africa Football Association (Safa) igunya lokuthi ixoxe noBaxter ngenhloso yokuthatha umsebenzi wokucija iBafana.
UDe Sa exoxa neSolezwe ulimise ngesihloko elokuthi angathanda ukusebenza njengephini likaBaxter.
“Okwamanje akekho oseke wangithinta kuSafa. Ngizihlalele nomndeni wami eKapa. Uma kungathiwa kuvela ithuba lokuthi ngibe yiphini lomqeqeshi kuBafana ngeke ngiliyeke. Ukusebenzela izwe lakho yinto enkulu. Ngizwile ukuthi iSafa ixoxa noBaxter. Irekhodi lakhe lihle kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. Ngingakujabulela ukusebenza nomuntu ofana naye ngoba ngikholwa wukuthi angalukhulisa ulwazi lwami lwebhola. Asibona abangani futhi asikaze sixabane ngakho ubudlelwano bami naye ngingabuchaza njengobuhle,” kusho uDe Sa.
Ngaphambi kokuthi aqashwe yiTeam of Chioce ngoJanuwari lo mqeqeshi ubekhonjwa kuBafana njengomqeqeshi.
“Ukuba yiphini angikuboni njengokwehlela ezansi. Phela umsebenzi weqembu lesizwe awufani nomsebenzi wokucija iqembu nje. Baningi abaqeqeshi asebeke bashiya imisebenzi yabo njengabaqeqeshi baba ngamaphini. UBaxter ungomunye wabaqeqeshi engibahloniphayo yingakho ngeke ngibe nankinga nokuba yiphini lakhe. Yebo siphethwe esitebeleni esisodwa kodwa kade ngikhuluma noSteve (Kapeluschnik oyimenenja kaBaxter noDe Sa) akazange ayiphathe le ndaba esixoxa ngayo,” kusho uDe Sa.