UKUSEBENZA kanzima ejimini, nokubekezela ikona okwenze uPhendulani "Phepsi" Buthelezi aqokwe ukuba aqale umdlalo weCell C Sharks neMelbourne Rebels ngoMgqibelo.
Lokhu kushiwo umqeqeshi weCell C Sharks, uRobert Du Preez ngoLwesine ngemuva kokuphuma kwesikimu esizoqala umdlalo weVodacom Super Rugby neRebels ngoMgqibelo, eKings Park Stadium, eThekwini.
Lo mdlalo uzoqala ngo-5.15 ntambama.
ISharks iya kulo mdlalo, isishaywe kabili kulandelana kulo mqhudelwano. Ishaywe iDHL Stormers ngo 16-11, yaphinde yakhala ngaphansi kwiBlue Bulls eyishaye ngo 37-14.
UButhelezi oyi-flank, umangaze abaningi ekhethwa ukuba aqale lo mdlalo. Ebuzwa uDu Preez ngesizathu esimenze waqalisa uButhelezi uthe: "Bekumfanele. Uyazinikela uma iqembu liziqeqesha, futhi uyabekezela. Akukhona nje ukuthi ngikhuluma ngomdlali ozinikele amahlandla ambalwa, kodwa nangesizini edlule ubelokhu ezinikela. Ngiyazi akusavumi alinde adlale ngoMgqibelo, nami ngokunjalo ngifuna ukumbona edlala".
UDu Preez uthi unethemba lokuthi ezakhe zizowunqoba lo mdlalo wangoMgqibelo, kwazise ziyiqale kahle isizini zishaya iiSunwolves ngo 45-10, neBlues ngo 26-7.
"Okwenze sashaywa kule midlalo emibili yakamuva esiyidlale nabakhaya ukuthi amandla besingawasebenzisi ngendlela. Sikulungisile lokho maphakathi nesonto, angingabazi ukuthi lokho kuzovela ngoMgqibelo. IBlues iphuma ekushayweni i-Emirates Lions ngeledlule. Engikunakile kubona ukuthi bahambe phambili isikhathi eside kulo mdlalo, kodwa emizuzwini yokugcina ngu-20 bavele bakhathala," usho kanje uDu Preez.