UVUMA eyokubhedelwa yizinto umgadli weMamelodi Sundowns, uJeremy “Sniper” Brockie, othengwe Abafana Ba Style kubhekwe lukhulu kuyena ngoJanuwari nonyaka.
UBrockie selokhu agcina ukushaya igoli (emdlalweni osemthethweni) esagijimela iSuperSport United, bedlala neBloemfontein Celtic kwiTelkom Knockout ngo-Okthoba 28, nyakenye.
Lowo mdlalo waphela ngo 2-2, kwanqoba iCeltic ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. Ngaphandle nje kwalokho, izinto azihambi neze kahle kuBrockie selokhu efike eChloorkop.
Igoli analo uBrockie kwiSundowns walishaya kwiShell Helix Ultra Cup, Amasandawana eshaya iKaizer Chiefs ngo 2-1, ngaphambi kokuqala kwesizini. Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo weSundowns naMaZulu FC kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup, uBrockie uthe impela izinkinga ziningi, nengcindezi iqonga mihla namalanga.
“Uma ungumgadli kodwa ungawashayi amagoli ugcina usuzama ngayo yonke indlela ukuzama ukuthola igoli. Lokho kudala ukuthi ulahlekelwe yibhola, nokuthi uhluthukelwe yinhliziyo. Okunye ukuthi kwiSundowns sinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu, ngakho kwakuvele kungeke kube lula,” kusho uBrockie.
AmaBrazilians asezakhele igama ngokuwola kwasani okusemakethe, maqede ngokuhamba kwesikhathi labo badlali angabasebenzisi. UBrockie uthe akazisoli ngokujoyina ezikaPitso “Jingles” Mosimane.
“Ngicabanga ukuthi ngathatha isinqumo esihle ngoba selokhu ngifikile lapha (kwiSundowns), sengifunde lukhulu, ngaphinde ngazazi kangcono nami uqobo. Noma izimo zinzima kodwa ngiyaqhubeka nokulokhu ngifunda, nokukhula njengomuntu. Okubalulekile kimina ukuthi, ngakhe amagoli noma ngiwashaye uma ngithola ithuba, ngaleyo ndlela iqembu lizonqoba,” kulandisa uBrockie obesatshiswa okwenyoka esagijima kwiSuperSport.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, leli phephandaba like labhala ngoBrockie, owayeveze ukuthi uzoba nengxoxo nomqeqeshi wakhe uMosimane, abuze ukuthi ngabe yikuphi okumele akulungise ukuze ezothola ijezi.
“Eqinisweni nje ....(edonsa umoya), yiphini lomqeqeshi elingisiza ngokuthi lingiphe indlebe ngixoxe nalo (esho uManqoba Mngqithi). Uyaye angitshele ukuthi yikuphi okufanele ngikulungise, aphinde aqinisekise ukuthi njalo ngihlezi ngilindele ukuthi uma ngithola ithuba ngisize iqembu,” usho kanje uBrockie.
Abafana Ba Style bazobhekana neCeltic, kwiLast 16, yeTelkom Knockout (TKO), ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium ngo-6 ntambama. UBrockie uthe angakujabulela ukunqoba isicoco seTKO, njengoba kuyisona sodwa angakasinqobi eNingizimu Afrika.
“Kungakuhle ukuthi ngisinqobe lesi sicoco kodwa futhi kungakuhle kakhulu ukuthi iSundowns isithole. Njengeqembu sifuna ukunqoba izicoco, noma ngabe yiziphi eziphambi kwethu,” usho kanje.