UMGADLI weStellenbosch FC, uJudas Moseamedi, uthi bakuqonda kahle ukubaluleka kokulwela ukugcina umgqigqo wabo omuhle kuze kube sekugcineni ukugwema ukungena ogibeni lokuthatha izinto kalula, nokungaholela ekuyizweni ngendaba i-Top 8 ngokuphela kwesizini.
UMoseamedi (27) ongomunye wabadlali abaqavile kuleli qembu alijoyine ekuqaleni kwale sizini esuka kwiMaritzburg United, usho kanjena nje ezakhe zihlezi endaweni yesithathu kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-29 ngemuva kwe-Orlando Pirates esendaweni yesibili ngamaphuzu angu-30.
IStellies enemidlalo engu-18 ibukeka isenethuba lokugudluza iPirates endaweni yesibili kwi-log njengoba isasilele ngemuva ngomdlalo owodwa kweZimnyama ezinemidlalo engu-19.
Izobuyela ensimini kweyePremiership ngokutholana phezulu neSwallows FC esibayeni sayo, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoFebhuwari 16.
“Ukuba kule ndawo esikuyona njengamanje kwi-log kuyasikhuthaza sonke njengabadlali beqembu. Kodwa-ke empeleni akusimangazi ukuba kwethu kule ndawo esikuyona, ngoba kusukela isizini iqala besivele sizibophezele ekuthenini senze kangcono kakhulu kunangesizini edlule.
Kodwa-ke ukuba kwethu kule ndawo esikuyona sikuqonda kahle ukuthi kuza kuza nenselelo enkulu yokulwela ukungasuki kuyona noma-ke okungenani esixhantini samaqembu amahlanu aphezulu kwi-log,” kusho uMoseamedi.
“Sike sadlala imidlalo engu-11 singashaywa, nokuthe emuva kokushaywa kwethu yiPirates, sabe sesishaywa futhi yiRoyal AM imidlalo ilandelana.
Lokho kushaywa kwethu kusivule amehlo, kwasenza sakubona ukubaluleka kokugwema ukuthatha izinto kalula, ngoba mhlawumbe besizoqhubeka nokuzitshela ukuthi asikezukushaywa.
Esesibophezele kukho njengamanje ukwenza isiqiniseko sokuthi silwela ukuwugcina umgqigqo wethu kuze kube ngumdlalo wokugcina.
Sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi okungenani emidlalweni emihlanu yokuqala esizoyidlala uma sesibuyela kweyeDStv sithola amaphuzu angu-10.
Yona inzima imidlalo esisazoyidlala uma ubheka ukuthi sisazodlala neSwallows esizovula ngayo, kube ngaMaZulu, iMarumo (Gallants), i-Arrows, iSupersport neChiefs. Kodwa kuzofanele silwe kuze kube sekugcineni,” efunga egomela lo mgadli.
IStellies, eqeqeshwa uSteve Barker, yisizini yayo yesithathu le idlala kwiPremiership kulandela ukukhuphukela kwayo kulesi sigaba ngesizini ka-2018/2019 ngokudla isicoco seNational First Division (esiyiGladAfrica Championship).
Ngesizini yayo yokuqala kwiPremiership iqede endaweni yeshumi kwi-log, kwathi ngesizini edlule yavika izembe kukubi iqeda endaweni ka-14 kwi-log kwala kancane iyodlala kumaPlay-Off, njengoba ngalesi sikhathi sesizini ibalwa namaqembu aphezulu kwi-log yePremiership.