IKAIZER Chiefs isibheke isinqumo senhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ngodaba oluyinzukayikeyi lo mdlali waseMadagascar, u-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana, iqembu lakhe elingafuni ukumdedela.
UDax usayine kwiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019 kodwa kuqubuke umdonsiswano iqembu lakhe iFosa Juniors lithi usenenkontileka nalo. Kuze kube manje akwaziwa ukuthi uzobonakala nini edlubhe imifaniswano yaMakhosi.
NgoLwesine usihlalo weChiefs, uKaizer Motaung, uveze ukuthi sebebhalele iFifa bayicela ukuthi ingenelele kulolu daba, wathi ngokwazi kwabo uDax akanayo inkontileka ngoba ezweni lakhe ubeyi-amesha. Amakhosi abone uDax ngesikhathi eyibamba eqenjini lesizwe laseMadagascar emqhudelwaneni iCosafa Cup ebikade ikuleli ezinyangeni ezedlule.
“Silinde ukuthi luphothulwe yiFifa udaba luka-Andrianarimanana. Siyifakile incwadi yethu yesikhalo sicela ukuthi ingenelele kulolu daba. Isinqumo sisilindele noma yinini. U-Andrianarimanana akanayo inkontileka nelinye iqembu ngoba uyi-amesha ezweni lakhe. Ngesikhathi simfuna sikhulume neqembu laseMadagascar ngoba yilona okufanele lithole isinxephezelo kodwa ngebhadi kukhona obona ithuba lokwenza isizumbulu semali,” kusho uMotaung.
“Ngebhadi asikwazanga ukufinyelela esivumelwaneni, yikho siqoke ukubheka kwiFifa ukuze ingenelele. Kodwa yena unesiqiniseko sokuthi akanayo inkontileka. Inkontileka abenayo iphele ezinyangeni eziyisishiyagalombili kuya kweziwu-10 ezedlule. Kodwa futhi bekuyinkontileka yama-amesha, ngakho abakwazi ukumvimba ngayo. Ukuthi usoseshini waseMadagascar weseka umdlali kuyakutshela ukuthi kukhona abantu abebefuna ukwenza imali, ngebhadi bakwenza ngendlela engafanele.”
UDax ungomunye wabadlali obekubhekwe ukuthi bazoletha ushintsho ePhefeni kule sizini. Umdlali asayine naye okunguKhama Billiat useqalile ukwenzela iChiefs umsebenzi. Nokho Amakhosi awakaze awine nowokubika umdlalo kweye-Absa Premiership kuqeqesha uGiovanni Solinas oseqala ukungatshazwa ngabalandeli. IChiefs isadlale ngokulingana kwemine, yahlulwa kowodwa.
UMotaung uthe usenelisekile ngendlela izinto eziqhubeka ngayo eqenjini.
“Okwenzeka kule sizini akukona ukuqhubeka kwezinto ezenzeka ngedlule. Kufanele ukhumbule ukuthi akabanga naso isikhathi sokulungiselela ukuqala kwesizini. Usanda kufika. Angikakhathazekile kangako okwamanje ngoba umqeqeshi kufanele anikezwe ithuba. Akayiqalanga isizini njengabo bonke abaqeqeshi abayilungisele kahle, wakwazi ukufaka indlela afuna kudlalwe ngayo,” kusho uMotaung.
“Ngisajabula ngokwenzekayo, ngaphandle kokuthi sinezinkinga odongeni okwamanje. Ngaphezu kwalokho sinabadlali abasha eqenjini okuyinto enhle. Kungcono ukuba nezinkinga kusaqala kunokuba nazo isizini isiphakathi noma isiya ekugcineni.”
UMotaung ubekhuluma e-Emperors Palace, eGauteng, ngesikhathi iNational Soccer League (NSL) neSouth African Police Service (SAPS) imemezela isivumelwano sokusebenza ngokubambisana ukulwa nesihlava sobugebengu nezidakamizwa entsheni ngokusebenzisa ibhola.
Lolu hlelo luzokwethulwa ngokusemthethweni ngempelasonto eHammarsdale emidlalweni yokuvula isizini yeMultichoice Diski Challenge. Abadlali bazokhuluma nabafundi abaqhamuka ezikoleni eziwu-150 zaseMpumalanga namaphethelo.