ININGI labadlali base-Afrika alibe lisacabanga kakhulu uma kuvela ithuba lokuya phesheya, ligxuma lihlale kodwa okwesikhwishikhwishi seMamelodi Sundowns uPercy Tau kuhlukile kwazise asiyingeni eyokuya kunoma yiliphi iqembu phesheya sifuna elizosidlalisa kwi-Uefa Champions League.
Lokhu kuvele ngomfowabo uDumisani Tau odlala phambili kwiRoyal Eagles obekhona begukluza iPretoria University ngo 3-0 emdlalweni weNedbank Cup wokuhlunga amaqembu ayisishiyagalombili eNational First Division azodlala kulo mqhudelwano.
Umdlalo we-Eagles namaTuks ubuseSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngoLwesithathu
ntambama.
Indaba kaTau nokudlala phesheya ikhulunyelwa phansi yize esengene emlandweni enqoba iCaf Champions League neCaf Super Cup neSundowns waphinda wadlala nakwiFifa Club World Cup.
Uphinde waqokwa embangweni wesicoo somdlali ovelele wase-Afrika jikelele kanjalo nakovelele kwabadlala ezwenikazi.
“Ufuna iChampions League. Mina ungitshele ukuthi ufuna ukudla i-Uefa Champions League, okusho ukuthi ufuna ukudlala e-Europe. Ubengitshela nangesonto eledlule ukuthi ufuna ukuya e-Europe. Uthe ‘kodwa ngifuna ukukubona ngaphambi kwalokho’ ngoba vele asibonani njalo. Yena ngigcine ukumbona ngoMeyi kusavalwe isizini kodwa ufika (ekhaya) athi qu aphinde ahambe ngoba enjalo nje umatasa nge-diploma yakhe,” kusho uDumisani, ongene ngesiwombe sesibili eClermont zisabambene ngo 0-0 kulo mdlalo wawushukumisa banqoba ngamagoli amathathu.
Indlela abanenhlanhla ngayo abafana bakwaTau ibonakala nangokuthi badlalele amaqembu ezimpunyela kwazise i-Eagles ephethwe abakwaMpisane, ngelinye lamaqembu angasokoli kwiNFD kanti kwiSundowns kaPatrice Motsepe ikhiwa ngamafosholo imali.
UDUMISANI Tau oveze ukuthi umfowabo akazimisele ukuyojoyina noma yiliphi iqembu phesheya kwezilwandle
UDumisani uthe udumo lomfowabo lumengezela inselelo. “Kunzimanyana futhi kumnandi. Akusiyo into elula ukuyenza (ukudlala ibhola elikhokhelayo nomfowabo) ngoba uyazi kunengcindezi yabantu nabezindaba kodwa ngiwujabulela kakhulu umndeni (wakwaTau). Ibhola akusiwo umdlalo olula.”
UDumisani uthe okumchaza kakhulu ngesimo sabo yindlela asebeyishintshe ngayo impilo kanina. “Umama usejwayele manje (ukuthi abafana bakhe badumile). Usejabule kwaze kweqa akasazi ukuthi angathini.
“Ubaba wethu nguye umuntu obedlala ibhola. Ubedlala kakhulu.” UDumisani mdala kunoPercy okwenza ikusasa lakhe libukeke lingeke lisadlondlobala lidlule elikamnewabo osenqobe i-Absa Premiership kabili, iTelkom Knockout
“Akubuzwa ukuthi yimi omdala ukunoPercy, kuyabonakala nje. Ngineminyaka eyisishiyagalombili ngidlala kwiWitbank Spurs. Ngiyamjabulela kakhulu. Ngiyaziqhenya ngaye ngoba uma uthi uyabheka ubenenhlanhla ngoba eminyakeni engu-17 yobudala ubesenqobe indondo (ye-Absa Premiership).
“Anginawo nomncane umona ngomfowethu. Ukunaloko ngiyaziqhenya ngaye. "Sengineminyaka ngidlala kwiNFD (National First Division). Unyaka wesishiyagalolunye lo njengoba ngidlala kwiRoyal Eagles. Ngidlale eyisishiyagalombili kwiSpurs. Ngimjabulele ukuthi yena ufikile (ezingeni eliphezulu) ngakho ngijabule kakhulu. Yize esho kanje uDumisani kodwa uyavuma ukuthi udumo lukamnewabo omncane lumfakela ingcindezi.
“Ingcidezi la kimi iningi kakhulu. Bafuna ukuthi ngenze kangcono kunaye.
Ngenhlahla yena uthuthukiswe ezindaweni eziphezulu, wathola ukuqeqeshwa abaqeqeshi abaphambili.
Nokho uyakhombisa ukuthi usevuthiwe ngokomqono kwazise akaziboni efanelwe wukuzixaka ngokwenza kangcono nokuzibonakalisa.
“Akekho umuntu engidinga ukumchaza. Ngidlalela igama elisesifubeni nasemuva. Kufanele ngidlale umdlalo wami nje kube ukuphela. (UPercy] uzibonakalisile, usebenzile uqedile. Okwami nje wukuthi ngidlale ibhola ngisimamise igama,” kusho uDumisani. UPercy ngomunye wabadlali abamqoka abathandwayo eNingizimu Afrika. Kuyimanje ubalwa nabadlali abanamagoli amaningi kwiPremiership. Usashaye amahlanu.