YIZE umqeqeshi weBlack Leopards, uJoel Masutha, esale ephoxekile ngokudedela amaphuzu ekugcineni emdlalweni wokuhlunga bebhekene neJomo Cosmos, usakholwa wukuthi basengaludla ubhedu.
ILeopards idedele iCosmos yathola igoli lokulinganisa kwaba ngu 2-2 emzuzwini ka-90 ngesikhathi la maqembu etholene phezulu emdlalweni wokuhlungela i-Absa Premiership eVosloorus Stadium, ngeSonto ntambama. ICosmos ebingosokhaya ibuye kade iza ngemuva kwaze kwaba yikabili kulo mdlalo obushubile.
Amagoli eLidoda Duvha ashaywe nguMwape Musonda. ICosmos iwezwe ukaputeni uThato Lingwati ngelesibili kanti elokuqala liphunyuke unozinti wezivakashi, uRotshidzwa Muleka.
Iqembu laseLimpopo selinamaphuzu amane kule midlalo ngemuva kokushaya iPlatinum Stars ngo 1-0 kowokuqala.
Kusasa kuzobhekana iCosmos neStars eRustunburg ngo-3 ntambama. ILeopards yona izoze idlale ngoMgqibelo nayo iStars enkundleni efanayo ngo-3 ntambama.
“Kube wukunganaki (okungenise igoli). Ngisho elokuqala kube yinto efanayo. Kodwa abafana benze umsebenzi omuhle. Ngasekugcineni iCosmos isicindezele. Besizitshela ukuthi sizokwazi ukumelana nayo, ngeshwa kwangena igoli. Kodwa sizolamukela iphuzu sigoduke,” kusho uMasutha.
Uthe amaphuzu amane abanawo mahle kodwa akufani kunayisithupha okuyiwona abebewafuna ekupheleni komdlalo.
“Asinandaba nokuthi sidlalela kuphi. Lapho esiya khona sizobe siyolwela amaphuzu agcwele. Siphoxekile ngephuzu kodwa abadlali benze konke. Uma (iStars) ishaya iCosmos izoba namaphuzu amathathu thina ngeke sithole lutho. Ngakho kusobala ukuthi kuzomele sizenzele ngokwethu umsebenzi, okuwukuwina imidlalo yethu emibili elandelayo sibe sesiqedile. Kumele nje silwele amaphuzu agcwele ngoba uma iPlatinum inqoba izobuyela embangweni. Ngakho akekho engingathi ngimfisela awine (kwiStars neCosmos) noma ahlulwe. Ngokwami sonke sinamathuba alinganayo,” kusho uMasutha.
Uthe iCosmos ngeke ayithathe kancane ngoba iqale ngokudlala ngokulingana kwazise igcina ukudlala kweyokuhlunga ngo-2015 yaqala ngokwehlulwa kodwa yagcina kuyiyona ekhuphukayo. ICosmos yadlula ngenxa yesibalo samagoli amaningi ngemuva kokuqeda belingana ngamaphuzu ayisikhombisa neLeopards.