ULINDELE lukhulu ku-Abbubaker Mobara usihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, onqumele ugwayi katiki umqeqeshi ngesicoco se-Absa Premiership.
Izolo kuvukwe ngezindaba zokuthi iCity isisayinise uMobara obekade esephenduke ukudla kwebhentshi kwi-Orlando Pirates kusukela kufike umqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic kumasizini amabili aphelile.
Inkontileka kaMobara nePirates ibikade izophela ekupheleni kwenyanga. Ngaphezu kwalokho iCity iphinde yasayinisa ngokugcwele uReyaad Norodien owayefike noMobara kwiPirates ngo-2016 besuka kwi-Ajax Cape Town kodwa yena wabolekiswa kwiPlatinum Stars ngasekupheleni kwesizini ka-2017/2018 nakwi-The Citizens ngedlule. I-Ajax yayiphethwe nguyena uComitis.
“U-Abbubaker ngimazi eseneminyaka ewu-12 kwi-Ajax. Ungumdlali okwazi ukudlala izindawo ezintathu ezahlukene okuyisemuva kwesokudla, maphakathi emuva nasesiswini. Ungumdlali wonke amaqembu angamfuna. Ukuthola yena kufana nokusayinisa abadlali abathathu. Ngilindele lukhulu kuyena. Ngesikhathi efika kwiPirates ubedlala njalo, labonakala izinga lakhe. Ngimangele uma esegqunywa ebhentshini. Manje usebuyele ekhaya,” kusho uComitis.
KwiCity uMobara uzobanga indawo nokaputeni uThami Mkhize, Keanu Cupido, Taariq Fielies nabanye. ICity isanda kuhlukana noKwanda Mngonyama noJudas Moseamedi asebezoyibamba kwiMaritzburg United.
Ngesizini edlule iCity iwine iMTN8 okunyuse amathemba okwenza kahle kwiPremiership ngaphansi komqeqeshi uBenni McCarthy. Nokho i-The Citizens igcine iqede isizini endaweni yesine kwi-log yePremiership.
UComitis uthe uzokhuluma noMcCarthy uma esebuyile ezinsukwini ezizayo mayelana nokusayinisa abanye abadlali nakufunayo ngesizini ka-2019/2020.
“Kulokhu kufanele siyiwine iligi. Sesikwenzile konke, sesikhulume kwanela. Manje sekuyisikhathi sokwenza. Onyakeni wokuqala besisafuna ukuzinza, owesibili sakha iqembu. Sonke siyakwazi okufanele sikwenze,” kusho uComitis.