UMGADLI weBafana Bafana, uDino Ndlovu, ukhuthazwa yindlela izikhondlakhondla zase-Afrika, iNigeria ezibakhombise ngayo inhlonipho kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eFNB Stadium, eGoli ngoMgqibelo.
UNdlovu oshwetshwe yithuba lokukhuphukela esigabeni esikhulu eChina lapho eshaye khona amagoli acela kwawu-20, uthe ukuhlonishwa abakuthole kwiNigeria kubaqinisa idolo ngokuthi abakuhlanganisayo ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter sekuqalile ukuthela izithelo.
“Kumele sikhohlwe yindaba yeNigeria manje kepha sibheke phambili. Kuningi okungaphezulu ebesingakwenza kulo mdlalo ukuze sithole amaphuzu amathathu ebesiwadinga kodwa bona bebezele ukuzodlala ngokulingana. Lokhu kucaciswe ukuthi baqale umdlalo ngezitobha ezinhlanu. Yebo, nathi sisabile kancane singafaki abagadli ababili lapha kodwa ukusihlonipha kwabo kusiqinisa idolo kusukela manje,” usho kanje uNdlovu ngeSonto emini.
Ebuzwa ngomdlalo wabo wanamuhla neParaguay uthe: “Simelwe ukunqoba ngoba konke esikwenzeyo sihlonipha ngakho iqhawe lethu. Sinezinyanga ezine ukulungisela umdlalo weLibya ngakho-ke okwamanje ake sizinikele ngakho konke esinako kwiMandela Challenge. Indaba yeLibya sizoyibona ngonyaka ozayo. Sizoya kulowo mdlalo simelwe ukungehlulwa kodwa bona bacindezeke kakhulu ngoba yibona abasekhaya futhi okubhekwe ukuthi banqobe."
UNdlovu ukuqonda kahle ukuthi abalandeli babaleka enkundleni nje yingoba ibhola elidlalwayo alikho ezingeni elifanele.
“Kuyithuba lethu ukuthi sinqobe kwiParaguay ukuze sibabuyise abalandeli. Angiyikholwa le eyokuthi sinqoba imidlalo engathi shu. Wonke umuntu uvumelekile ukusho noma yini ayithandayo ngeBafana kodwa konke esikwenza enkundleni kuyazikhulumela. Asikashaywa kule midlalo yamaqoqo ngakho-ke angazi bakuthathaphi abantu ukuthi sikhetha imidlalo,” kusho uNdlovu.
Kubhekwe ukuthi uNdlovu abe ngomunye wabadlali abadala okulindeleke ukuthi bawudlale wonke lo mdlalo kwazise eyakhe isizini isiphelile eChina lapho iqembu lakhe lishaywe khona ngosuku lokugcina lwesizini lasuka endaweni yesibili lawela kweyesithathu.
Namuhla eMoses Mabhida Stadium, kubhekwe ukuthi uStuart Baxter abophele iqembu elihlukile kunelidlale neNigeria ngoMgqibelo. Umdlalo uqala ngo-7 ebusuku.