UMQEQESHI omusha weqembu lesizwe lekhilikithi, u-Ottis Gibson uthembisa ukubuyisela amaProteas esicongweni ekuklelisweni emhlabeni nokunqoba isicoco seNdebe yoMhlaba.
UGibson onikezwe lo msebenzi kwasala ngaphandle abanye abaqeqeshi njengoGeoffrey Toyana abebefake izicelo, ukusho lokhu ethulwa kwabezindaba izolo.
Ungowukuzalwa eBarbados. Unikezwe isikhundla ebesiphethwe uRussel Domingo, esuka ekuphekeni abashwibi eqenjini lama-Test le-England. Phambilini uke waqeqesha iqembu lesizwe laseWest
Indies.
“Ngesikhathi ngiqala neWest Indies ngazibuza ukuthi yikuphi lapho ifuna ukufinyelela khona. Ngabe siyazibona yini njengompetha bomhlaba? Kumele sibheke ukuthi sikuphi singamaProteas nokuthi sifuna ukuya kuphi.
Kuningi esizokukhuluma ngeNdebe yoMhlaba ka-2019 ngoba yiwona umklomelo omkhulu okhona. Indlela engizosebenza ngayo kule minyaka emibili izobe ibheke ekubekeni amaProteas phezulu. Nginanethemba lokuwina iNdebe yoMhlaba,” kusho uGibson.
Lo mqeqeshi akaqali ukufika eNingizimu Afrika. Uke wadlala iminyaka eyisithupha ngeminyaka yo-1990 edlala kwiBorder, Gauteng nakwiGriqualand West.
Uthe uzothembela kubadlali abadala ukuze azuze akuhlelile. “Nginenhlanhla ekutheni amaProteas aseke aba endaweni yokuqala emhlabeni. ”