KUVELA ukuthi uTsepo “Chester” Masilela osanda kuchithwa iKaizer Chiefs ngeledlule uzanyelwa iqembu eSouth America yinkampani ebhekelele izindaba zakhe iPro Sport International ephethwe uqweqwe lwemenenja, uMike Maakab.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, nakuba ekhona amaqembu amfunayo eNingizimu Afrika uMasilela kodwa uMakaab uthe uzoqala azame eSouth America njengoba kukhona amaqembu kuleliya zwekazi amfunayo uMasilela.
“UMaakab ufuna uMasilela adlale eSouth America. Akhona amaqembu akwi-Absa Premiership amfunayo futhi maningi. Iningi lawo lizinze eGauteng. Akenqambile naye uMakaab ukuba adlale kuleli kodwa ufuna ukuthi aqale ahluleke phesheya kwezilwandle,” kusho lo mthombo osondelene kakhulu nePro Sport International.
Isolezwe liphinde lathola ukuthi uMasilela ufake izithombe ezinkundleni zokuxhumana eseMiami, e-United State of America (USA). Imibiko ithi uziqeqeshela khona, njengoba amaqembu amaningi kwi-Absa Premiership evulelile kuleli sonto, amanye evula ngoMsombuluko.
UMasilela wazakhela igama kuleli esagijimela iBenoni Premier United. Uke wagijima emaqenjini aphesheya kwezilwandle esingabala kuwona iMaccabi Haifa yakwa-Israel ngo-2007 kuya ku-2011, iGetafe yaseSpain ngo-2011 kuya ku-2012 ngaphambi kokujoyina iZimpofana ngo-2012. Udlale kuBafana Bafana amahlandla angu-51.
UMasilela uchithwe kwiChiefs nabanye abadlali abane okunguWilliam Twala, Edmore Chirambadare, Keagan Buchanan okhonjwa kwiMaritzburg United noSibusiso Khumalo okuvela ukuthi angase athushuke kwelinye lamaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwi-Absa Premiership.
UMakaab wePro Sport International akafunanga ukuvuma noma ukuphika ngodaba lukaMasilela okhonjwa eSouth America.
“Engingakusho njengamanje ukuthi kusasekuseni kakhulu ukuthi singaxoxa ngodaba lukaMasilela. Okuningi ngalo kuzocaca kahle ngesonto elizayo,” kusho uMakaab.