UMQEQESHI waMaZulu FC, uJozef Vukusic, ujatshuliswa ukuthi uzothola isikhathi esanele sokulungisa iqembu lakhe ngoba isamile imidlalo ye-Absa Premiership.
Usuthu lunqobe umdlalo walo wokuqala kule sizini ngeledlule lushaya iCape Town City ngo 2-1, emdlalweni we-Absa Premiership obusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UVukusic usola ukuthi isitha esikhulu kubadlali boSuthu yimiqondo yabo, okufanele ingavumi ukunyakaziswa noma ngabe kuqhamuka ziphi izivunguvungu enkundleni. Empeleni ufuna babe yiziqhwaga ezingasabi muntu ebholeni.
Umqeqeshi, odabuka eSerbia, uthe inhlonipho kufanele iphele kwezakhe uma zizimisele ngokusatshwa kwiPremiership.
“Akufanele sibe nomdlalo esiwuhloniphayo ngoba nakhu usekuhambeni, noma kube khona iqembu esithi likhulu elinye lincane.
“Kufanele sigcine
umgqigqo futhi singahloniphi muntu kwiligi. Akufanele kube nomehluko nxa singadlaleli ekhaya, ngoba lokho kuyosilimalaza kakhulu. Nakuba ziningi izinto engifuna ukuzilungisa ngekhefu leFifa kodwa kubalulekile ukuthi isimo sethu somqondo sigcwale ukungesabi ngoba leso yisikhali esikhulu,” kusho uVukusic.
Imidlalo elandelayo yoSuthu luzoyidlala neBaroka FC, Stellenbosch FC neChippa United.
“Okungijabulisayo wukuthi abadlali bami bazimisele. Esiwombeni sesibili ngesikhathi sidlala neCape Town City ngabona ukuthi bafuna ukunqoba ngendlela ababezinikele ngayo. Lokho kuyizimpawu ezinhle njengoba sakha nje silungisa. Kunabadlali abasajwayela izindawo ezintsha engibadlalisa kuzo. Badinga isikhathi kancane kodwa beza kahle,” kulandisa uVukusic.
UVukusic, obeqeqesha iPolokwane City, usedlale imidlalo emithathu nezakhe. Ushaywe yiKaizer Chiefs ngo 2-0, wakhala ngaphansi kwiSuperSport United ngo 1-0, ngaphambi kokushaya ezikaBenni McCarthy.
“Bengibona kule midlalo esiyidlalile ukuthi siza kahle. Ngaphoxeka kakhulu sishaywa yiSuperSport ngoba kuningi esasikwenza kahle futhi sibahlupha. Bekubalulekile kakhulu ukuthi sinqobe umdlalo wethu wokuqala ukuze sisuse umthwalo emahlombe, njengoba lokhu sekwenzekile nje sekuyisikhathi manje sokuthi silungise izinto ezimbalwa siqhubeke nohambo lwethu.”