AKEKHO umuntu oxhumene nonobhutshuzwayo ongamazi uSiphiwe “Shabba” Tshabalala eTurkey. Lawa ngamazwi ashiwo uMuhsin Ertugral opheka i-Ajax Cape Town edlala kuNational First Division (NFD). U-Ertugral, odabuka eTurkey, oseke wasebenza noTshabalala phambilini kwiChiefs, uveze ukuthi ngo-2009 ngesikhathi esaqeqesha kwiSivasspor bake bazama ukuthenga uTshabalala, owaduma umhlaba wonke ngegoli alishaya evula iNdebe yoMhlaba ka-2010 eyabe iseNingizimu Afrika.
Kule mpelasonto uTshabalala ubonakale okokuqala eqenjini lakhe elisha iBB Erzurumspor. Ungene umdlalo usuphakathi kodwa wahluleka ukusiza iqembu lishaywa ngo 1-0. Usayine inkontileka yeminyaka emibili.
“Udume kakhulu eTurkey ngenxa yegoli alishaye koweNdebe yoMhlaba. Bayalilandela ibhola laseNingizimu Afrika eTurkey kwazise naseminyakeni edlule abantu abafana noJohn (Moshoeu ongasekho), Maimane (Phiri), Donald (Khuse), Fani (Madida) noSteve (Komphela) bashiye igama elihle ngaleli zwe ngendlela abadlale ngayo nangendlela abaziphathe ngayo ngesikhathi beseTurkey,” usho kanje u-Ertugral ongowokudabuka e-Istanbul ekomkhulu laseTurkey.
Indlela uTshabalala amukelwe ngayo eTurkey iphinde yakufakazela lokhu okushiwo ngu-Etugral. Ephawula ngesikhathi eqeda ukusayina uveze okuyikhona okumenze wayisukumela indaba ye-Erzurumspor.
“Ngesikhathi imenenja yami (uJazzman Mahlakgane) ingazisa ngalokhu ngisukumele phezulu. Kuthe uma ziqala izingxoxo ngasheshe ngezwa nangaphakathi kimina ukuthi ngiyaya kuleli qembu. Ngenhlanhla kwezamabhizinisi nginabangani abadabuka eTurkey manje konke abebengitshela kona ngezwe neligi bekungikhuphulela uthando ngokuyodlala khona.
“Okunye okungihlabe umxhwele yindlela ebengithola ngayo imiyalezo ivela kubalandeli (be-Erzurumspor) ingikhuthaza ukuthi angize eqenjini. Indlela abebekhombisa ngayo ukungidinga nokungithanda kungenzele isinqumo sami ebesivele silula saba lula kakhulu,” usho kanje esizwa wutolika kwi-website yeqembu.