UMGADLI weBafana Bafana, uPercy Tau, akazikhathazi ngabayibukela phansi impumelelo yakhe yaseBelgium ngoba bethi iligi yakhona isezingeni eliphansi.
UTau uqokwe njengomdlali ovelele kwiligi yaseBelgium ngesizini ka-2018/2019 eyibamba kwiRoyale Union Saint-Gilloise. Ubebolekiswe yiBrighton & Hove Albion edlala kwi-English Premier League.
Nakuba bekukade kuyisizini yakhe yokuqala phesheya kwezilwandle kusukela edayiswe yiMamelodi Sundowns kodwa uTau ukwazile ukumelana nobunzima bokuqala impilo entsha.
Emasontweni edlule umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uthe nakuba ejabule ngokuthi uTau udlala e-Europe kodwa izinga leligi akuyo liphansi futhi bekumfanele ukuzihambela kalula. UMosimane uthe uTau ubezothola inselelo enkulu ngokubhekana namaqembu amakhulu e-Afrika, iWydad Casablanca yaseMorocco ne-Esperance yaseTunisia.
“Ngizama ukuthatha igxathu ngalinye. Yilokho okubalulekile kimina. Kunezinto eziningi ezibalulekile abanye abantu abangeke bazazi. Bangangabona ngaleyo ndlela. Bavumelekile ukuba nemibono kodwa okubalulekile wukuthi ngikwazile ukuyihamba indlela, ngadlala ibhola. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu uyajabula uma ethola ithuba lokudlala,” kusho uTau.
UTau kulindeleke ukuthi abizwe yiBrighton ngesizini entsha nakuba umqeqeshi uGraham Potter, okunguyena owamsayinisa, esexoshiwe kuleli qembu. Abalandeli beBrighton sebevele bayamfuna uTau.
Mayelana nenhlalo yaseBelgium uTau uthe: “Ibhola yibhola, akukhathaleki ukuthi udlala kuphi. Uma ugxila ebholeni konke kuba lula. Bengizidlalela ibhola kuphela. Bekungeyona into entsha kimina ngoba ngake ngabolekiswa kwiWitbank Spurs.
“Bekuyinto engiyijwayele nokungilungiselela okuzayo nokuqonda usiko, amalingi ahlukene, nokuqeqeshwa okuhlukene. Ngicabanga ukuthi ngijwayele kahle nakuba bekunezinto obekunzima ukuthi ngimelane nazo. Ukuhamba kakhulu, ukuhamba ibanga elide, amahora angu-10 uma ngize eqenjini lesizwe. Bekukusha kimina.”
UTau usesikwatini seBafana esizicijela i-Africa Cup of Nations ezoba ngoJuni 21 e-Egypt. Lesi sikwati esiholwa ngumqeqeshi uStuart Baxter siqale ukuziqeqesha ngoMsombuluko eGoli.
“Konke kubukeka kuhamba kahle ekhempini. Abadlali bayibheke ngabomvu i-Afcon. Kufanele sisebenze ukwenza isizwe siziqhenye nathi uqobo. Le Afcon izoba nkulu kithina sonke. Mina ngina-25 uLebo una-23. Kuzoba eyokuqala kubadlali abaningi. Kuzoba kuhle ukukhombisa isizwe ukuthi singaya laphayana sidlale, siyiwine.” kusho uTau.
IBafana ikeliswe kuGroup D neMorocco, Ivory Coast neNamibia.
Khona manjalo iqembu laseNingizimu Afrika eliyibambe kwiCosafa Cup lizobhekana neMalawi emdlalweni wamanqamu wePlate eMoses Mabhida Stadium, kusasa ngo-5 ntambama. Leli qembu likaDavid Notoana lishaye i-Uganda ngo 4-2 sekukhahlewa amaphenathi emdlalweni owandulela owamanqamu ePrincess Magogo Stadium, ngoLwesibili. Umdlalo ubuphele ngo 1-1 emizuzwini ewu-90.