OWAYENGUMDLALI weBafana Bafana uTsepo Masilela odedelwe yiKaizer Cheifs. Isithombe: Frikkie Kapp/BackpagePix
IKAIZER Chiefs ichithe abadlali abahlanu njengoba isiqalile ngamalungiselelo esizini entsha.

AmaKhosi amemezele ukuthi inkontileka kaTsepo Masilela ephelayo kule nyanga ayizovuselelwa. UMasilela ubesehlale iminyaka ewu-6 neChiefs, wanqoba izicoco ezine okubalwa kuzona nezimbili zeligi.

Leli qembu liphinde laqinisekisa ukuthi uWilliam Twala odlala esiswini, Edmore Chirambadare odlala ophikweni kwesokunxele , Keagan Buchanan odlala esiswini kanye noSibusiso Khumalo odlala emuva kwesokunxele lizozinqamula izinkontileka zabo. Bonke labadlali bajoniye eziMpofana ngo-2016.

"Sibona iChiefs kuyiqembu elingasabafanele kwazise bangabadlali abanekhono. Kungakho singafuni ukuma endleleni yabo, sifuna ukuba baveze amakhono abo kwamanye amaqembu," kusho uBobby Motaung oyiMenenja yeChiefs.

Sekuphele iminyaka emithathu iChiefs selokhu yagcina ukunqoba isicoco. UMotaung uthe bazomemezela abadlali abasha nomqeqeshi omusha kungekudala.