KUPHELILE ngomshwibi wamaProteas, uDale Steyn, neNdebe yoMhlaba yekhilikithi ka-2019 eqhubekayo e-England naseWales.
USteyn ubeye kwiNdebe yoMhlaba evele ehlushwa ukulimala waphinde wathinteka ehlombe. Indawo yakhe isizovalwa uBeuran Hendricks.
Lo mshwibi okunguyena onamava kumaProteas akazange ayidlale imidlalo emibili yokuqala yeNdebe yoMhlaba lapho amaProteas ethelwe othulini yi-England neBangladesh.
Isitatimende esikhishwe yikomiti le-Internationl Cricket Council (ICC) sithe: "Ikomiti le-ICC selivumile ukuthi uBeuran Hendricks oshwiba ngesokunxele uzovala isikhala sikaSteyn kuze kuphele umqhudelwano."
UHendricks usedlale imidlalo ewu-10 yeT20 nemibili yosuku olulodwa egqoke imibala yamaProteas.
Omunye umdlali othintekile umshwibi uLungi Ngidi okubikwa ukuthi uzohlala izinsuku eziwu-10 engadlali. AmaProteas azobhekana ne-India emdlalweni wesithathu weNdebe yoMhlaba ngoLwesithathu ngo-11.30 ekuseni.