SEKUCACILE ukuthi ihooker yeCell C Sharks namaBhokobhoko, uChilliboy Ralepelle, ayisekho kubadlali abasethubeni lokuyomela iNingizimu Afrika kwi-2019 IRB World Cup eseJapan ngoSepthemba.
Lokhu kucace ngemuva kokuthi ngoLwesibili iSouth Afrian Institute For Drug Free Sports (Saids) inikeze uRalepelle izinsuku ezingu-21 ukuba akhethe ukuthi uyaphikisana yini necala abekwe lona lokutholakala nesondla mzimba esingagunyaziwe emchameni wakhe.
Uma enquma ukungaphikisani nalokhu, kuzofanele alivume icala bese elindela isigwebo.
Unikwa izinsuku ezingu-21 ngoLwesithathu nje, wusuku okubuye ngalo isampula elingu-B lomchamo wakhe nelifanayo no-A owatholwa uneZeranol, okuyisikhuthazi esingavunyelwe kubadlali.
Le Zeranol itholakale kuRalepelle ngoJanuwari ngesikhathi kufika abakwaSaids ejimini yeSharks behlola abadlali.
Ngemuva kwamasonto ambalwa kwavela ukuthi uRalepelle utholakale eneZeranol, okuyisikhuthazi esisetshenziswa enkondleni imfuyo.
Okhulumela iSharks utshele i-Independent Media ukuthi:
“Sikhathazekile ngokutholakele. Siyaphikisana kakhulu nendaba yokusetshenziswa kwezidakamizwa futhi siyawuhlonipha umsebenzi weSaids.”
Ngokwesibili uRalepelle (32) etholakala enesikhuthazi esingagunyaziwe emzimbeni. Phambili walahlwa ngelinye icala wagwetshwa iminyaka emibili engadlali esengumdlali weToulouse yaseFrance.
Lokhu kungase kumcindezele uma eqoka ukulwa necala elisha.
Omunye umdlali weSharks oke watholwa nesikhuthazi esingagunyaziwe eminyakeni embalwa edlule nguMonde Hadebe, ogwetshwe iminyaka emine ngo-2016 wagcina ngokuwuyeka umbhoxo.
ISharks idlala ne-Emirates Lions kwiVodacom Super Rugby eGoli kusasa ngoLwesihlanu ngo-7.15 ebusuku.