UKUBUYA komkhuba wokuqoqa izindebe kwiKaizer Chiefs iyona nto yokuqala ezobonakala kuleli qembu njengoba libuyise indodana yolahleko enguPatrick Mabedi osezoba yiphini lomqeqeshi uSteve Komphela.
Lona wumbono wabanye abadlali abagijime isikhathi eside kuMakhosi eminyakeni edlule. Labo uFabian McCarthy, odlale naye (uMabedi) iminyaka emihlanu bedla naye izicoco, noNeil Tovey oke waba ukaputeni weChiefs eminyakeni edlule.
UMabedi ubuyela kwiChiefs nje uyishiye eminyakeni engu-11 esadlala. Udlulele kwiMoroka Swallows okuyilapho eqale khona izifundo zokuqeqesha njengoba egcine esebonakala njengephini likaMuhsin Ertugral kwiMpumalanga Black Aces.
Uqashwa yiChiefs nje ubesebenza njengenhloko yabaqeqeshi kwiCape Town All Stars edlala kwiNational First Division (NFD) kanti uke wabamba njengephini eqenjini lesizwe lalapho edabuka khona eMalawi. Usayine inkontileka yeminyaka emibili neChiefs.
“Noma ngabe ubani othe akulandwe uMabedi uyayazi iChiefs ngoba uqashe indoda ezoqondisa konke okuthinta iqembu enkundleni nangaphandle. USteve (Komphela) uzoke ezwe ubumnandi bokuqeqesha iChiefs ngoba uMabedi uza nosiko lokuqoqa izindebe. Abadlala ngaphansi kwakhe bazohlale bekwazi ukuthi baphekwa umuntu onomlando kwiChiefs.
“Lokhu kuzokwenza abadlali badlalele ukufa nokuphila ngaphansi kwakhe. Kodwa kusabalulekile nokuthi ingene ithi shi emakethe iChiefs ukuze umsebenzi kaMabedi noSteve ube lula,” kusho uMcCarthy odle izicoco ezimbili edlala noMabedi emuva kuMakhosi.
UMabedi, odlale iminyaka eyisishiyagalombili kwiChiefs kusukela ngo-1998 kuya ku-2006, uke wasebenza noKomphela phambilini ngesikhathi (uKomphela) eyiphini lika-Ertugral ngo-1999 kanti yena (uMabedi) wayengukaputeni kuMakhosi. Uzwakalise enkulu injabulo ngokuqashwa kwakhe akuchaze njengokubuyela ekhaya.
“Ngizizwa ngisekhaya ngakho-ke ngijabule kakhulu. Kusemahlombe ami ukubuyisa udumo lwaleli qembu elangenza ngaba kulesi simo engikusona. Ngibonga angiphezi kubona bonke ababone ukuthi yimina ofanelwe yilo msebenzi,” usho kanje uMabedi ongene endaweni kaJohn Painstil waseGhana.
UTovey uthe: “Ukubuyiswa komuntu abadlali abaziyo ukuthi unomlando wokudla izicoco kuzobavusa abadlali. Ngiyazi ukuthi uyindoda ehlale ilwela ukuthi abadlali bazihloniphe. Lokhu kuzoyikhulisa iChiefs kuyisize ibuyelwe nawudumo lwayo lokuqoqa izicoco hhayi le nto yokuthi kuze kuphele amasizini amabili ingatholanga lutho.”