“INGXENYE yenhliziyo kaLebohang Maboe ibingasekho kwiMaritzburg United kodwa bese ikompetha be-Absa Premiership iMamelodi Sundowns." La mazwi akhishwe uFadlu Davids sakubalisa evula inhliziyo yakhe ngokuphatheka kabi kwakhe ngenxa yokushiywa wumdlali walolu hlobo kodwa ngesikhathi esifanayo eveza injabulo ngethuba elivelele lo mgadli oneminyaka ewu-23.
UMaboe, obekubadlali abagqamile ngesizini edlule, usayine kwiSundowns ngeledlule. Kuvele ukuthi iTeam of Choice iphoqelekile ukumdayisa ngoba imali athengwe ngayo ibidingeka ukuphesha izikweletu ezivuleke ngokuphazamiseka koxhaso leli qembu likaFarook Kadodia ebeluluthola kuMasipala waseMsunduzi.
“Ngiphatheke kabi ngasohlangothini lweqembu kodwa enye inhliziyo yami imjabulele kakhulu uMaboe ngethuba lokukhula aselitholile manje. Ungumdlali wonke umqeqeshi angathanda ukuba naye eqenjini. Uyazimisela ngayo yonke indlela kodwa iqiniso wukuthi wonke umdlali siyafika isikhathi sokuthi athole amadlelo aluhlaza. Ubekwenza kahle konke silungiselela isizini kodwa ngoba ngiyamazi bengibona ukuthi ingxenye yenhliziyo yakhe ayisekho kithina kepha isikwenye indawo,” usho kanje uFadlu ebuzwa ngokuphazamiseka kwezinhlelo zakhe ngokuhamba komdlali obeyingxenye yeminyakazo eminingi ngesizini edlule.
UMaboe, ongakaze afihle ukuthi usekulungele ukudlalela amaqembu athathwa njengamakhulu, ungene neminyakazo ebonakalayo kowokuvula isizini weqembu lakhe lapho libanjelwe khona ekhaya ngo 1-1 yiKaizer Chiefs ngoMgqibelo.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi wakhe uPitso Mosimane uzwakalise ukuthokoza ngakubone kuyena kanti naye umdlali uphefumulile ngokusayina kwakhe kuleli qembu elisembangweni weCAF Champions League.
“Anginawo amazwi engingawasho ukuveza injabulo yami. Kumnandi ukubalwa njengomdlali weqemqu elikhulu ngale ndlela hhayi kuleli kuphela kepha e-Afrika yonkana. Ngemuva kokudlana indlebe nobaba (uSidwell Maboe wodumo kwi-Orlando Pirates) nemenenja yami, sibone singekho isidingo sokuchizela iqembu elifana neSundowns. Ngaphandle kwethuba lokudlala kwiChampions League nephupho lami lokuya phesheya kwezilwandle ngilibona liseduze uma ngisemabhukwini eSundowns. Abadlali abaningi babonwa kuyona iChampions League manje ukwazi ukuthi ngizodlala kuyona kuyangikhuthaza, kungisondeze ephusheni lami lokuwelela phesheya. Uma ngibuka abadlali abebekwiSundowns asebephesheya kwezilwandle ngiyakhuthazeka bese ngifuna ukufana nabo,” kusho uMaboe kwi-website yeSundowns ngemuva komdlalo weChiefs.
UKeagan Buchanan, abaningi abathi uzovala isikhala sikaMaboe kwiMaritzburg, uthe: “Okwami ukwakha owami umlando. UMaboe udlale kahle esekithina ngakho-ke kumele sakhe umlando omusha engasekho. Simjabulele impela yena kodwa akumnandi ukuhamba kwakhe kwiMaritzburg.”