ISIKHULU seCape Town
City, uJohn Comitis, asizimisele
ngokumlaxaza u-Ayanda Patosi
ongadlali kuleli qembu likaBenni
McCarthy ngoba engekho esimeni
esifanele umdlali webhola
elikhokhelayo kodwa sinenkinga
ngokuhluleka kwakhe ukukhetha
ukudla okumfanele. Sekunesikhathi engabonakali
enkundleni uPatosi ekubeni
engomunye wabadlali abenza
izinto zenzeke kumaCitizens.
Enkulumeni ayenze ngoLwesibili emsakazweni, uComitis uveze
okuningi angazange akusho
ngesikhathi Isolezwe limnika
ithuba ngosuku olufanayo.
Ubuyele emsebenzini ngoLwesibili uPatosi ngemuva kokunqunyelwa
ugwayi katiki kodwa kusazoba
yisikhathi ngaphambi kokuthi
abonakale enkundleni ngenxa
yokukhuluphala kakhulu.
“Sibhekene nenkinga lapha
ngoba sifike simdwebele kahle
ukudla okufanele agxile kukona
ngoba uyazazi ukuthi unenkinga
yokuzimuka kodwa akayingeni
leyo nto. Uzithandela amagwinya
nezinto ezifana nama-fried chips.
Ngisho singabeka amasaladi
amahle kanjani uPatosi
akayingeni leyo nto. Sinenkinga
yokukhokhela umdlali izizumbulu
zemali kodwa engakwenzi lokhu
aqashelwe khona. Siba yiqembu
elihlukile uma esenkundleni
yingakho singeke simlahle kodwa
kusemqoka ukuthi
naye abhukule
asisize njengoba
simsiza nathi,” usho
kanje uComitis
emsakazweni.
Lo mdlali
ulandwe eBelgium
ngoba iCity
ihanjelwe abadlali
ababili abamqoka
okunguLebohang
Manyama
oye eTurkey
no-Aubrey Ngoma
yena oqome
iMamelodi
Sundowns