KUBHEKWE iminyakazo yezinkunzi zamaqembu e-Absa Premiership njengoba selivuliwe iwindi lokusayinisa abadlali kwiPremier Soccer League (PSL).
Kusukela izolo ekuseni kuze kube uJanuwari 31 amaqembu asevumelekile ukushintshana ngabadlali. Indlela ivulwe yiBidvest Wits ngokusayinisa izinkontileka zesibambiso abadlali ababili be-Ajax Cape Town, umgadli uPrince Nxumalo nonozinti uBrendon Petersen.
Yengeze ngesikwibhisi seFree State Stars uSinethemba Jantjie ophelelwa yinkontileka neStars ekupheleni kwesizini ka-2018/2019. Kuvele ukuthi iWits isayinise uPetersen ngoba uDaren Keet okunguyena ovimba njalo kuleli qembu usenqabile ukuvuselela inkontileka. Kunezinkulumo zokuthi ufuna ukubuyela phesheya kwezilwandle. Nakuba iWits isiyivulile indlela kodwa kusabhekwe emikhulu iminyakazo emaqenjini amakhulu kwiPremiership okuyiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
KwiChiefs kulindeleke ukuthi kube khona abadlali abadilizwayo ngaphambi kokuphela kwenyanga. Lokhu ngabe kade kwenzekile kodwa kumiswe wukufika komqeqeshi omusha, * -Ernst Middendorp, okuvele ukuthi usafuna ukubabhekisisa.
Amakhosi asevele emukele umdlali wasemuva uLorenzo Gordinho obekade ebolekiswe kwiBloemfontein Celtic. Kuvele ukuthi Amakhosi kade efuna ukunikeza iWits umgadli uGustavo Paez kodwa kwagcina kungavunyelwananga. Ngaphandle kukaPaez omunye umdlali okungenzeka aphelelwe yindawo kwiChiefs nguBhongolethu Jayiya obhekene nenkinga yokuthola isikimu. Amakhosi awakufihlile ukuthi lukhona ushintsho oluzokwenzeka.
IPirates isivele iboleke iChippa United uPetso Maphanga obekuvele ukuthi uzobolekiswa noMeshack Maphangule. Nokho kuthiwa ithimba labaqeqeshi libuye lashintsha umqondo. Abanye abadlali abangase baphelelwe yindawo kweZimnyama nguDiamond Thopola, Thabo Matlaba noJustice Chabalala. Emuva kokuthi iSundowns ichayiswe nguPetersen, isazoqhubeka nokuthungatha omunye unozinti.
Inkontileka kaThela Ngobeni iyaphela ekupheleni kwesizini futhi sekuvele ukuthi uyenqaba ukuyivuselela. Ngakolunye uhlangothi alaziwa ikusasa likaKennedy Mweene. Ekuqaleni kwesizini iSundowns isayinise uReyaad Pieterse oshiye iSuperSport United.