ISIFIKA emaphethelweni i-IAAF Diamond League kuleli sonto kanti kulindeleke ukuthi abasubathi baseNingizimu Afrika babe ngabanye abazogqama emehlweni omhlaba ekhalendeni lezokusubatha.
ULuvo Manyonga unethuba lokuba umpetha weDiamond League okwesibili iminyaka ilandelana njengoba ezobe eyibambe kowamanqamu we-long jump.
I-Diamond League yilapho izilomo zomhlaba zithola ithuba lokugaya imali kwazise odle ubhedu umkhakha ngamunye, ubekelwe imali engaphezulu kukaR700 000. Ngaphambi kokufinyelela kuleli zinga uManyonga usevele unqobe imilenze emine, ebihambisana nemali elinganiselwa kuR141 000 konqobe umlenze ngamunye.
Kusasa kowamanqamu eZurich, uzoncintisana nontanga yakhe kulo mdlalo okukhona nomkhaya wakhe uRuswahl Samaai ophume endaweni yesibili nyakenye. USammai usanda kuhlula uManyonga kwi-African Championship, okusho ukuthi naye unalo ithuba lokuthola inkomishi yeDiamond League.
UJuan Miguel Echevarria waseCuba noTajay Gayle waseJamaica asebeke banqoba imilenze yeDiamond League ngesikhathi kusaqoqwa amaphuzu.
Omunye ongase abe yingozi kuManyonga noSamaai, uJeff Henderson wase-USA ongumpetha wama-Olympic.
UCaster Semenya osedle isicoco seDiamond League amahlandla amabili uzoyibamba kwi-800m. Akakaze ahlulwe kuleli banga eminyakeni emithathu. Usenqobe imilenze emithathu kwi-800m nowodwa kwi-1500m.
Abanye bakuleli abazoyibamba kweyamanqamu, uWenda Nel ozogijima kwi-400m no-Akani Simbine ozogijima kwi-100m ngoLwesihlanu.
Ngemuva kwalo mqhudelwano uSimbine, Semenya noSamaai bazobe sebelungela ukuyomela i-Afrika kwi-IAAF Continental Cup ese-Ostrava, eCzech Republic ngoSepthemba 8-9.