UKAPUTENI wamaBhokobhoko uSiya Kolisi noPieter-Steph du Toit bebengazibekile phansi emdlalweni wokucijela iNdebe yoMhlaba ababhaxabule iJapan ngo 41-7 eKumagaya izolo

IZOBUKWA ngomtakabani imidlalo ye-2019 Rugby World Cup ezodlalelwa eJapan kusuka ngoSepthemba 20 kuya kuNovemba 2.

Lokhu kuvele ngemuva kokuqinisekisa kweSuperSport TV ukuthi asikho isiteshi esiyisipesheli esizotholwa yiwo wonke amakhasimende ayo esizosakaza imidlalo yeWorld Cup.

ISuperSport iqinisekise ukuthi imidlalo izoyisakaza kwiSS1, okuyichannel esemqulwini weDSTV Premium, obukwa abami kahle ngenxa yokubiza kwawo.

“Yonke imidlalo engu-48 izosakazwa bukhoma kwiPremium (SS1) kanjalo nezinhlelo zama-magazine kwiSS1,” kuqinisekisa iSuperSport ngeledlule.

Lesi siteshi siphinde sathumela isitatimende esiqinisekisa lokhu nesiveze ukuthi eyamaBhokobhoko izondlalelwa wukusakazwa kokuhlaziywa kwehora nesigamu ekubeni eminye kuzoba yihora kuphela.

Umcimbi wokuvula umqhudelwano nawo uzosakazwa kwiSS1 ngo-11.30 ekuseni ngoSepthemba 20.

Okuqinisa ukuthi imidlalo izobukwa womtakabani wukuthi neSABC ikubeke kwacaca ukuthi ihluleke yancama ukuvumelana neSuperSport ukuba iyihlephulele njengoba isihlale ikhosela kuyo.

Lokhu kuzophoqa abazifela ngalo mdlalo ukuthi bayoyibuka ezindaweni zokucima ukoma izidlo zakhona ezigugisa iphakethe.

UVuyo Mthembu, okhulumela umsakazeli womphakathi - iSABC, utshele i-IOL ukuthi bangqubuzane ngemali obekungeke kwenze umqondo ophusile ukuthi bayikhokhele iSuperSport.

“Umsakazeli womphakathi uhlezi uzinikele ukusakaza ezemidlalo ezithinta isizwe, kanjalo namaqembu esizwe emidlalo ehlukene njengombandela wayo emphakathini.

“Nokho indlela okumba eqolo ngayo ukuthenga igunya lokusakaza le midlalo (yeNdebe yoMhlaba yoMbhoxo) akuwenzi umqondo futhi bekungezukuletha nzuzo,”kusho uMthembu, othe nokho basazama ukuthola okungenani ilungelo leziteshi zomsakazo.

Akusiyo into entsha nokho ukungabikhona kombhoxo kwiSABC kwazise sekunesikhathi imidlalo yamaBhokobhoko itholakala bukhoma emsakazweni kuphela bese idlalwa sekudlule isikhathi kwiSABC 2.

Lesi siteshi esibukwa yizinkumbi zabantu baseNingizimu Afrika sigcine ngo 2015 ukusakaza bukhoma imidlalo.

U 41-7 amaBhokobhoko aququde ngawo iJapan izolo emdlalweni wabo wokugcina wokulungiselela iWorld Cup, kunike ithemba lokuthi ezaseMzansi zizodlula kalula kwiPool B eziqhathwe kuyo neNew Zealand, Italy, Namibia neCanada.

Khonamanjalo izolo iwini yamaBhokobhoko isibekelwe ifu elimnyama kushona inkakha yamaBhokobhoko, uChester Williams.

NgokweSA Rugby Mag uWilliams (49) ongomunye wabadlali abanqoba iNdebe yoMhlaba ngo 1995, uthathwe yisifo senhliziyo.

Uficwe ukufa esengumqeqeshi we-University of the Western Cape adle nayo ubhedu kwiVarsity Shield ngo 2017. UWilliams ulandela uJames Small naye ohambe nonyaka.