IZINKAKHA ezazingaconsi phansi kubalandeli bamaqembu azo ngeminyaka yawo-80 nawo-70 ngaphansi kweNational Soccer League (NSL) neNPSL (National Professional Soccer League), ziyihlaba kakhulu inkulumo yomqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, abezivikela ngayo ngokuqasha indodana yakhe uLee ngemuva kokuhoxa komqeqeshi wonozinti u-Andre Arendse.
Lezi zinkakha ngoPatson Banda owayengunozinti wokuqina kwi-Orlando Pirates naseqenjini lesizwe Izinsephe zangeminyaka yawo 70, ezazaziwa ngele South African Black X1 noDuncan Crowie wodumo kwiSantos yaseKapa manje oseqeqesha esikhungweni sokuthuthukisa amakhono abadlali abancane kwi-Ajax CapeTown.
Ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo uBanda uthe: “Le ayihlukene nenkohlakalo nokwenzelela. Awukwazi ukuqasha indodana yakho entweni yesizwe ngoba nakhu unikezwe amandla okuqasha. Akuthi shu, ukuzithethelela kwakhe ngokuthi indodana yakhe ngoba inolwazi olunzulu kulo msebenzi ngenxa yeziqu enazo zokwenza lomsebenzi. Ngiphinde ngihlabe iSafa (inhlangano eyengamele unobhutshuzwayo eNingizimu Afrika) ngokuchitha izimali ihlela izifundo zabaqeqeshi bonozinti maqede ingabi nazo izinhlelo zokubenzisa. Baningi abaqeqeshi bonozinti esinabo abengakhetha kubona nabo abaneziqu ezinkulu. Nendaba yokuthi atshele umhlaba ukuthi uthathe lesinqumo (sokuqasha indodana yakhe ) ngemuva kokunxenxwa abanye abadlali beqembu lesizwe (Itumeleng Khune noRonwell Williams), akuzwakali kahle,” kubeka uBanda.
Ngokunjalo noCrowie uthe nakuba ekuqonda ukuthi bese singasekho isikhathi sokuthi athungathe umqeqeshi obezovala isikhala sika-Arendse kodwa eyokuqhakambisa ukufunda kwendodana yakhe uyakuhlaba.
“Ngiyakuqonda ukuthi * -Andre (Arendse) uhoxe ngemizuzu yokugcina okungamshiyanga nesikhathi esanele sokubheka omunye umuntu kodwa eyokuthi iwufalene lomsebenzi ngoba ifunde kakhulu ngiyaphikisana naye.
“Ekuqeqesheni onozinto akudingi iziqu ezinkulu kakhulu ngaphezu kolwazi oluthole usazadlala bese ulwengeza ngemfundo. Mina ngineziqu zokuba wuthisha. Ulwazi enginalo lungitshela ukuthi akubona bonke othisha abaneqhuzu leMasters abakwazi ukufundisa kahle. Ungaba nazo leziziqu kodwa ungakwazi ukufundisa abantwana uma ususegunjini lokufundisa,” kusho uCrowie.
Ngokusho kwakhe ubone kungcono asivale ngendodana yakhe uLee Baxter ngoba ikujwayele ukusebenza noKhune noWilliams abemqeqesha esekwiiSuperSport United.
Abanye bathi ukuhoxa kuka-Arendse kuvulele uBaxter intuba yokushutheka umfana wakhe ngoba vele kwakungeminye yemibandela ayefuna iSafa ihlangabezane nayo, wokuqasha indodana yakhe.