OMPETHA be-Absa Premiership sebephinde balanda omunye umdlali obeyibamba phesheya kwezilwandle, uSteven “Schillo” Pienaar, osayine inkontileka yonyaka owodwa.
Izolo iBidvest Wits iveze lezi zindaba kwi-website yayo lapho kuthiwe inkontileka inombandela wokuyivuselela ngenye isizini uma isiphela.
Ngesonto eledlule leli qembu lisayinise uDaylon Classen obeyibamba eGermany.
UPienaar (35) wagcina ukudlala kuPremier Soccer League ngo-2001 eyibamba kwi-Ajax Cape Town. Usuke kuyona wajoyina i-Ajax Amsterdan, eHolland. Udlulele kwiBorussia Dortmund eGermany, ngaphambi kokuya kwi-Everton kwiPremier League e-England njengoba ngesizini edlule egcine egijima kwiSunderland egawulwe izembe. Ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi eqenjni lesizwe iBafana Bafana, uPienaar wayengukaputeni esenemidlalo engaphezulu kuka-60.
Khonamanjalo umqeqeshi weCape Town City uBennie McCarthy usesifakile isicelo sokusayinisa insika yomdlali uTeko Modise ozakhele igama emaqenjini ahlonishwayo eNingizimu Afrika.
UModise (34) akazange ayivuselele inkontileka yakhe neMamelodi Sundowns. Kuleli qembu ushiye ngoba ebalekela ibhentshi.
NgoMsombuluko usihlalo weCape Town City uJohn Comitis utshele leli phephandaba ukuthi konke kuncike kuMcCarthy ngekusasa likaModise. Imenenja yalo mdlali uJazzman Mahlakgane itshele Isolezwe ukuthi iCity ingelinye la maqembu agaqele uModise.
“Akulula ukwenza izingxoxo zomdlali omkhulu njengoTeko. Uma ungena ezingxoxweni zomdlali osezingeni lakhe akuyona yinto ephela ngosuku noma ngezinsukwana nje. Maningi amaqembu akhombisa intshisekelo. ICape Town City nayo isiphumele obala yasho ukuthi ingathanda ukusebenza noTeko. Akuyona kuphela kodwa kukhona namanye amaqembu aseGoli esixoxa nawo amfunayo. Izinto zakhe eziningi ziseGoli ngakho sisabheka ukuthi yikuphi lapho engaya khona,” kusho uMahlakgane.
ICity isizakhele igama ngokusayinisa nokufuna abadlali abaseqophelweni eliphezulu. UComitis useke waphumela obala ngesifiso sakhe sokusayinisa uSiphiwe “Shabba” Tshabalala weChiefs noPercy Tau weSundowns.
NgoJuni leli qembu limemezele * -Ayanda Patosi njengomdlali walo omusha. UPatosi ubegijima kuLokoren yaseBelgium.
“IKaizer Chiefs ayikho ohlwini lwamaqembu afuna ukusayinisa uTeko. Yasho zisuka ukuthi ayinazo izinhlelo zokusamsayinisa,” kusho uMahlakgane. Abanye abalandeli beChiefs bebethi uModise akasayiniswe.