NGEMUVA kwezinyanga iPremier Soccer League (PSL) ingathi vu ngecala elabekwa i-Orlando Pirates ngemuva kokuthi abalandeli bayo bephazamise umdlalo wayo we-Absa Premiership neMamelodi Sundowns wangesizini edlule, igcine isikhiphile isinqumo.
NgoLwesine iPSL ikhiphe isitatimende esiveza ukuthi leli qembu litholwe linecala ngalesi senzo esenzeka ngesikhathi lithelwa ngesibhaxu sika 6-0 yiSundowns emdlalweni owawuseLoftus Stadium, ePitoli ngoFebhuwari.
Nokho isigwebo asikhishwanga. Kuthiwe ikomidi eliqondisa izigwegwe lizohlangana ngonyaka ozayo lapho kuzodingidwa ukuthi yisiphi isigwebo esifanele eZimnyama.
Icala leSundowns ngesigameko esifanayo nalo kuthiwe lizohlalelwa ngoJanuwari.
Kulo mdlalo kwabonakala abalandeli bePirates kwithelevishini bedonsa izintambo zabakwaSuperSport okwaholela ekuphazamisekeni kokukhonjiswa komdlalo. Abalandeli bagcina sebengena enkundleni umdlalo usaqhubeka.
ISundowns isolwa ngokungaqinisi ezokuphepha njengoba kuyiyona eyayingosokhaya.