USIHLALO weMaritzburg United uFarook Kadodia, uphumele obala ngekusasa lesibabuli saleli qembu uSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu.
Ngokusho kukaKadodia, uNdlovu ngeke adlale kwiTeam Of Choice ngesizini ezayo kodwa ufudukela eGauteng.
UKadodia uveze ukuthi i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns amaqembu amabili abanga lesi sibabuli.
Uthe kulele kuNdlovu ukuthi ufuna ukusayina kuliphi iqembu kodwa engakuqinisekisa ukuthi akaseyena umdlali weMaritzburg.
“UNdlovu uzohamba, mabili amaqembu ambangayo okuyiPirates neSundowns. Sekulele kuyena ukuthi wenzenjani ngoba womabili la maqembu awazibekile phansi. Kodwa okuningi kuzocaca emasontweni ezayo,” usho kanje uKadodia.
Eqhubeka echaza uKadodia, uveze izingqinamba ebezibhekene noNdlovu ngemuva kwesizini enhle abe nayo ngaphansi kukaFadlu Davids.
“Indaba iqale ngesikhathi sishaya iMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup ngesizini edlule. UNdlovu uthole enkulu ingcindezi, waze washintsha nemenenja yakhe. Ubengasadlali kahle sonke sibonile. Lokho kuphoqe ukuthi sibize umndeni wakhe, nasondelene nabo. Simtshelile ukuthi nakuba esehamba kwiMaritzburg, kufanele akhumbule ukuthi uzalelwe, wakhulela eMgungundlovu. Ngakho kubalulekile ukuthi avalelise kubantu baseMphithi ngesizotha, adlale ibhola elihle. Nangempela wenzenjalo ngasekupheleni kwesizini,” kulandisa uKadodia izolo ntambama.
Nokho umthombo weSolezwe ongaphakathi kwiSundowns izolo uveze ukuthi leli qembu laqeda kudala noNdlovu.
“Nathi siyayibona le mibiko ethi uNdlovu uya kwiPirates. UNdlovu ngumdlali wethu, usayine ekuqaleni kwesizini kodwa wabolekiswa kwiMaritzburg. Uma kuwukuthi kukhona osekushintshile kusho ukuthi iMaritzburg kufanele ibuyise imali. Angazi-ke ukuthi izokwenzanjani ngomholo ngoba wonke umdlali osuke ebolekiswe yiSundowns isuke imholela,” kusho umthombo.
“Kodwa uma uNdlovu engasafuni ukuza kithina, akukho esizokwenza. Ngeke simphoqe. Lokhu sikufunde kanzima kumasizini edlule ngabadlali esibasayinise bengathandi, bajike bahluleke ukudlala kwiSundowns. Kade sifuna uKabelo Mahlasela esekwiBloemfontein Celtic, wasitshela ukuthi yena ufuna ukudlalela iChiefs samyeka ngoba sifuna abadlali abafunayo ukudlalela iSundowns.”
Imizamo yokuthola * -Alex Shakoane weSundowns ayiphumelelanga kwazise ubengalubambi ucingo lwakhe phezu.
UKadodia uqinisekise nezindaba zokuthi uFortune Makaringe usengumdlali wePirates.
“UMakaringe usengumdlali wePirates, konke sekuqediwe neBucs,” usho kanje uKadodia.
Uveze ukuthi umqeqeshu * -Eric Tinkler ugixabezwe ngenkontileka entsha yeminyaka emibili kwiTeam of Choice.
“Ngeke kuphele nezinsuku ezingaki bese sikhipha isitatimende siqinisekise ukuthi uTinkler simnikeze inkontileka yeminyaka emibili. Wenze umsebenzi oncomekayo, ukwaze ukuvuselela abadlali abese belahle ithemba,” kusho uKadodia.