SIBUSISO MDLALOSE
OWAYEYISIQONGQWANE emuva kwi-Orlando Pirates ngasekupheleni kweminyaka yo-1980 kuya ngasekuqaleni ko-90, uRonnie "Mainline" Zondi, uthi isifo sezinso saphuca iNingizimu isibabuli somgadli ngo-Ian Palmer.
Uthi uPalmer wayezongena emabhukwini omlando njengomunye wabagadli abasezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika.
UPalmer (55) odlule emhlabeni ngoLwesine, wayengomunye wabagadli bePirates ngasekupheleni kweminyaka yo-1980.
Udlale nabantu okubalwa kubo no-Albert "Bashin" Mahlangu kwabanye.
Nokho ukuhlushwa kwakhe yisifo sezinso kwaphoqa ukuthi agaxe amakhokho emgibeni isikhathi singakafiki.
"Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi uPalmer wayengomunye wabagadli ababukhali bangesikhathi sakhe, futhi engaba nenhlanhla yokudlala nabo.
“Nginesiqiniseko sokuthi ukuba akaphazanyiswanga yisifo sezinso nesamenza wayeka ibhola kungakabi yisikhathi, wayeyongena emabhukwini omlando njengomunye wabagadli abasezingeni eliphezulu eMzansi.
“Wayengumdlali ozimiselayo nosebenza ngokuzikhandla ngaso sonke isikhathi futhi enomoya omuhle kulula kuyena ukuzwana nanoma yimuphi umdlali eqenjini," kusho uZondi, owaphinde wadlala kwiCape Town Spurs neSupersport United.
“Sengathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula,”
UPalmer, ongene kwezokuqeqesha ngasekuqaleni ko-2000, uqale ukubonakala ekuqeqesheni ecija iMaritzburg United ngo-2004, akhuze ubuya kuyo amahlandla amabili.
Phakathi kwamanye amaqembu awaqeqeshile kubalwa i-FC AK, Black Leopards neRichards Bay FC edlala kwiGladAfrica Championship, agcine ukubonakala kuyona kumasizini amabili edlule.