UNETHEMBA lokuthi basazophinde bathole ithuba lokuziphindisela kwiWestern Province, uLwazi Mvovo, odlala ophikweni kwiSharks.
UMvovo uthe akufanele nakancane baqhuzuke kule midlalo esibasalele kwiCurrie Cup, ngoba bafuna ukuthi bafike kowamanqamu kulo mqhudelwano.
Ngesizini edlule kube esifanayo, njengoba la maqembu efike adlala kweyamaqoqo, nokugcine ngokuthi aziqwaqwade zonke emakhanda ahlangana kowamanqamu eKings Park Stadium, eThekwini.
Ngeshwa leSharks, yakhala ngaphansi kulowo mdlalo. Osekuphinde kwathela usawoti esilondeni wukuthi ezikaRobert Du Preez Snr ziphinde zehluleka ukuziphindiselela emasontweni edlule kwiProvince njengoba zikhale ngaphansi ngo 50-28.
NgoMgqibelo iSharks izotholana phezulu neqembu elibhubhayo yinduku kwiCurrie Cup, iTafel Lager Griquas, esanqobe umdlalo owodwa kwemihlanu selokhu kuqale isizini. Lo mdlalo uzoqala ngo-3 ntambama, eTafel Lager Park, eKimberley.
“Sengike ngasinqoba isicoco seCurrie, amahlandla ambalwa, kodwa kungangijabulisa ukuthi siphinde sisinqobe lesi sicoco ngenxa yomsebenzi onzima owenziwa kwiSharks ngabantu abathile ngaphakathi engikholelwa ekutheni kufanele sibabonge ngaso lesi sicoco. Yebo, iProvince iyona eyizimbangi zethu kodwa nginethemba lokuthi sisazolithona ithuba lokuziphindisela,” usho kanje uMvovo ngemuva kokuziqeqesha nezakhe izolo eKings Park.
Ebuzwa ngokuthi ngabe balindele umdlalo onjani kwiGriquas, uMvovo uthe: “Bayiqembu elingenzanga kahle kwiCurrie Cup kule sizini. Banqobe kuphela umdlalo owodwa isizini yonke. Yebo lona kuzoba ngumdlalo weGriquas wokugcina, bazofuna ukuthi bavale ngegiya eliphezulu ngokuthi bashaye iSharks. Asizovuma neze ukuthi lokhu kwenzeke, ngoba nathi asisafuni ukuqhuzuka nakancane. Sifuna ukuwudlalela ekhaya umdlalo we-semi final”.
Ngokusho kukaMvovo, kubalulekile ukuthi bona njengabadlali abadala eqenjini babe yisibonelo esihle kubadlali abancane.
“Thina ngesikhathi sifika kwiSharks kwakukhona abadlali abafana no-Odwa Ndungane nabanye esasibukela kubona. Kuyangijabulisa ukuthi namhlanje nami sekunabadlali abancane abafikile eqenjni abathi babukela kimina. Kubalulekile ukuthi nxa kukhona umuntu obukela kuwena, ungashibiliki ngoba usuke ekubhekile. Kungakho sizoyibamba ishisa, sifundise abadlali abancane ukuthi kumelwana kanjani nezimo ezahlukene kulo mdlalo,” kubeka uMvovo.
IGriquas isashaye iFree State Cheetahs ngo 52-24 kuphela selokhu kuqale isizini.